LISENETHINI!: Ewu, lavele laphahlazeka kalula kanjalo nje ibhanoyi leSundowns

UManqoba Mngqithi

THULISILE MIYA

Kubuhlungu ukudliwa ebholeni bakwethu!

Lokhu ngikusho ngoba ngeSonto ngibone izinyembezi emehlweni kaManqoba Mngqithi ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns ngemuva kokuthi ezakhe ziguqe okokuqala kule sizini.

ISundowns ifike kulo mdlalo vele izinto bezithanda ukutsheka, kusukela bekhishwa kwiNedbank Cup beshawa yiTshakuma Tsha Madzibandila.

Bafika eThekwini uSuthu lubalindile baphuma nephuzu elilodwa kodwa kubonakala ukuthi AmaZulu ababambe ngobhongwane.
IKaizer Chiefs ivele yafaka usawoti esilondeni, zehla izinyembezi emadodeni eSundowns.

Ngicabanga ukuthi okwenze kube buhlungu kakhulu ukushawa yiChiefs wukuthi iSundowns beyiwuphethe lo mdlalo, ukuthola kwabo igoli ngesiwombe sokuqala kubenze banethezeka, badlala inikanika noma sekufanele bakhahlelele ipali bebengakwenzi lokho.

Bewulula lo weChiefs

Phela uma sikhuluma iqiniso uma uqhathanisa le midlalo emithathu edlule yeSundowns, lona bowungekho nzima njengomdlalo woSuthu.

Ngibone ukupensa okuningi kubadlali beSundowns bedlala sengathi basejimini, bakhohlwa ukuthi umdlalo uwinwa ngamagoli, hhayi ngokubamba ibhola isikhathi eside ezinyaweni.

Ngiyazi ukuthi isitayela sokudlala sayo iSundowns lesi kodwa kulokhu asibasebenzelanga.

Angazi kungani bekubukeka sengathi bayithatha kancane iChiefs ngoba yona uma beyifika emapalini eSundowns bebekhahlela abadlali bayo kodwa begeja.

Lokho bekufanele kubathuse abeSundowns, kubakhuthaze ukuthi bathole igoli lesibili lokugojela umdlalo, bona bakhetha ukudlala inikanika engabasizanga ekugcineni.

Mina ngiyavumelana noMngqithi uma ethi lo mdlalo bekufanele bawunqobe ngoba bowungekho nzima kakhulu kubo.
Ngeke ngiyidlele amandla iChiefs, ikwazile ukuziqoqa ikakhulukazi ngesiwombe sesibili.

IChiefs iphenduke utshwala ibajikela esiswini

Imizuzu engamashumi amabili yokugcina yomdlalo bavele baphenduka izilwane abadlali bayo bajikela iSundowns esiswini njengotshwala, bashaya amagoli amabili asheshayo yadideka iSundowns ngabona sebenza inqwaba yezingukuqo ezinye zazo ebezingenasidingo.

Angazi kungani bekhiphe uBrian Onyango bafake uNascimento ngoba labadlali bayizitobha bobabili. Mina bengilindele ukuthi kufakwe abadlali abashoshela phambili ngoba iqembu belidliwa lidinga igoli.

Kusengesayo isicoco

Ngiyazi isazovuka izithathe iSundowns ngoba iyiqembu elikhulu futhi ngiyakholwa ukuthi bazoyivikela iligi ngoba isezandleni zayo inqobo nje uma bezokwazi ukudlulisa ngokushesha lo mdlalo ezingqondweni zabadlali ngoba angingabazi ukuthi iqembu labo lihle kakhulu.

Umdlalo wabo olandelayo uzoba nzima kakhulu ngoba iGolden Arrows nayo ayigayelwa mphako kule sizini. Kuyoshiyana ukwenza impela kulowomdlalo.

UThulisile Miya ungumsakazi othula imidlalo bukhoma Okhozini FM kanti lo mbono awubhala kule ngosi ngowakhe, awuhlangene nabaqashi bakhe

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.