LISENETHINI!: i-Al Ahly beyisezingeni eliphezulu kakhulu kuneChiefs

LISENETHINI!: i-Al Ahly beyisezingeni eliphezulu kakhulu kuneChiefs
Abadlali be-Al Ahly bejabula ngemuva kokuwina
UMBONO
UBHALWE: Thulisile Miya
ISITHOMBE: Twitter

Ngempela alukho usuku olungakifi. Selufike lwaze lwadlula usuku ebesilubheke ngabomvu, uMgqibelo njengoba bekutholene phezulu izinkunzi ezimbili, iKaizer Chiefs ne-Al Ahly emdlalweni wamanqamu kwiCAF Champions.

Phela lolu suku kade salulindela njengoba iqembu leKaizer Chiefs beliqala ukufinyelela kowamanqamu kulo mqhudelwano. Obekwenza ukuthi lo mdlalo uhlabahlose kakhulu ukuthi bebebhekene nomqeqeshi wakithi, uPitso Mosimane.

Ngiyazi igwebu selehlile kwabaningi ngoba umphumela walo mdlalo uziphulile izinhliziyo zaMakhosi ngemuva kokuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano benganikwe thuba.

Umphumela walo mdlalo ushiye sihlukene phakathi ngemibono njengabathandi bebhola. Kodwa akusizi ukukhala ngoba igula selichithekile.

Baningi abashaya amakhala ngesinqumo esithathwe yiKaizer Chiefs sokuthi iqembu liholwe uStuart Baxter kowamanqamu, wabekwa eceleni u-Arthur Zwane obezibambe kahle ngaphambi kokufika kwalo mdlalo.

Nami ningomunye ongaphathekanga kahle ngalesi sinqumo, kodwa ngemuva komdlalo ngizibuze umbuzo othi yikuphi okuhlukile obekuzokwenziwa uZwane ngoba ezikaPitso bezingenhla kakhulu kuneKaizer Chiefs ngokomdlalo?

Ngakolunye uhlangothi ngibe nombono othi kungenzeka ukuthi iChiefs beyifuna ukuthi ibhentshi labo libe nesesindo ngokubeka uBaxter phambili ngoba ungumqeqeshi onesipiliyoni kakhulu.

IChiefs iwuqale kahle umdlalo ngoba yilona iqembu elifike kuqala emalini ngesikhathi umgadli wabo oyisethenjwa ekhahlela ibhola kodwa eliqonde ngqo kunozinti we-Al Ahly ngomzuzu wesithupha.

Nakuba elibambile lonozinti kodwa lowa mnyakazo uliqinisile idolo waletha ithemba eqenjini. Ngemuva kwalokho izinto zivele zashintsha ngoba iqembu laseGibhithe likhombisile ukuthi liyayifuna le ndebe.

Liqalile ladlala inikanika wena owabona iMamelodi Sundowns. Ngiyazi ukuthi baningi azowuphikisa umbono wami kodwa iqiniso lithi beyijaha izithunzi iChiefs kulo mdlalo. Abantu abaningi bakhala ngekhadi elibomvu elitholwe uHappy Mashiane sekuyophela isiwombe sokuqala, kodwa ngokwezinga lo mdlalo beyingeke iwunqobe vele iChiefs lo mdlalo.

Iqhinga labo lokuhlala emuva bese behlasela ngokuzuma, nokuthembela enhlanhleni alisebenzanga. Angazi kungani umqeqeshi ekhethe ukusebenzisa leli qhinga emdlwalweni wamanqamu ngoba udinga igoli bese uvala emuva.

Lesi sinqumo sivele sanikeza inkululeko enkulu abafana baseGibhithe ngoba ibhola belihlezi lisezinyaweni zabo. Akungimangazanga ukubona amagoli ngesiwombe sesibili ngoba bekubonakala vele ukuthi ayeza.

FUNDA NALA: USithebe ulolekile kwiBafana, usefuna ukuhlala bese ewina indebe noSuthu

Lo mdlalo ukhombise ngokusobala ukuthi uPitso ukwelinye izinga ngobuhlakani. Konke obekwenziwa yiChiefs bekubonakala ngokusobala ukuthi ukuhlelele kahle uPitso. Nesipiliyoni sabo kulo mqhudelwano sivele obala.

Kodwa kufanele bazishaye isifuba abafana beChiefs ngokufika kwabo kowamanqamu. Kuyinto enkulu kakhulu ngoba kusukela ekuqaleni akekho owayecabanga ukuthi bazohamba ibanga elide kangaka.

Nakuba bekuzoba kuhle uma benqoba, kodwa lokhu abakwenzile kukhulu kakhulu. Akufanele badikibale bebehlangene nezinkunzi ezingaphezu kwabo.

Bebengenhla kakhulu abafana bakaPitso. Kuyolunga ngelinye ilanga bafana basePhefeni. LISENETHINI!

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *