LISENETHINI!: Isikhumbuze ukuthi ibhola liyagingqika iTTM

Unozinti weTTM, uWashington Arubi

THULISILE MIYA

Basuke beqinisile ngempela abantu uma bethi ibhola liyagingqika. Kule mpelasonto kwenzeke into ebesingayilindele sonke ngesikhathi iTshakhuma Tsha Madzivhandila ikhipha iMamelodi Sundowns kwiNedbank Cup.

Lo mphumela akekho obewulindele uma ubheka izimo zamaqembu womabili. ISundowns iye kulo mdlalo ihambela phezulu ngemuva kokubhuquzisa eziMnyama ngo 4-1 ngngoLwesine.

Sekuwumlando ke ukuthi umdlalo wamanqamu uzobe uphakathi kweChippa United neTTM, amaqembu avika izembe.

Ngemuva komdlalo wangoLwesine mina bese nginesiqiniseko sokuthi iSundowns izokhala yemuke naso lesi sicoco kanti angibuzanga elangeni. I-TTM ifike kulo mdlalo iwulungiselele kahle futhi amaqhinga ayo abasebenzele.

Kunzima ukudlala neSundowns ngoba ibhola ayililahli kalula, iyagoloza nebhola, angisayiphathi ke eyabagadli bayo abangalibheki ipali.

Yingakhokumele uthole iqhinga lokubavimba ukuthi bangasondeli epalini lakho ngoba bayingozi kakhulu phamabili akwaziwa ukuthi igoli lizoshawa ubani phakathi kwabadlali bayo.

Kucace zisuka ukuthi iTTM ifuna ukuhlala emuva bese ibabamba ngamabhola amade noma asheshayo ukuya phambili uma belithola ibhola. Okuhle kakhulu ukuthi abadlali beTTM bakwazile ukulandela imiyalelo yabaqeqeshi ngendlela egculisayo kwaze kwaba sekugcineni.

Udonga lwasemuva belubambisene kahle kakhulu kodwa unozinti wabo ubekwelinye izinga kulo mdlalo. Uma sikhuluma iqiniso nje, nguyena obanqobele umdlalo.

Lo nozinti ungikhumbuze enye inkulumo eyenziwa nguPitso Mosimane, ethi abagadli bakuwinela umdlalo, kodwa izitobha kanjalo nonozinti bakuwinela izicoco njengomqeqeshi.

Abadlali beTTM kumele bazishaye isifuba ngomdlalo wangempelasinto uma begcina ngokudliwa izembe. Ngicabanga ukuthi lo mdlalo uzohlala ezinhliziyweni zabo ngokushaya iqembu eselikhathaze abantu abaningi libathela induku.

Ngemuva komdlalo umqeqeshi weSundowns, uManqoba Mgqithi uyivumile induku. Ushilo ukuthi bona bakwenze konke ukunqoba umdlalo kodwa uWashington Arubi ubevimba ngisho impukane edlula phambi kwakhe.

Wadliwa kanjalo ke ufishi omkhulu udliwa omncane. Ubani nje owayecabanga ukuthi kulo nyaka sizobona umdlalo wamanqamu phakathi kwamaqembu amabili avika izembe?

Kodwa angimangali kakhulu ngoba lo mqhudelwano ujwayele ukusimangaza. IFree State Stars isehlathini nje kodwa yahamba nayo lendebe ngesizini ka2017/2018.

Angazi noma lowomlando uzoziphinda yini kule sizini ngoba amaqembu azodlala owamanqamu womabili alengela ezembeni. kodwa konke ukuqagela kuzophela ngenyanga ezayo kowamanqamu.

Mina okungijabulisa kakhulu ngomdlalo wamanqamu ukuthi le ndebe izophakanyiswa umqeqeshi omncane futhi ozalelwe lapha ekhaya. Kusezandleni zikaMpho Maleka noSiyabulela Gwambi ukuzifaka emabhukwini omlando wokunqoba iNedbank Cup.

UThulisile Miya ungumsakazi othula imidlalo bukhoma Okhozini FM kanti lo mbono awubhala kule ngosi ngowakhe, awuhlangene nabaqashi bakhe

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *