LISENETHINI!: Isishiye sisahalela eminye imidlalo ngendlela ebeyimnandi ngayo le sizini

DStv Premiership
UHlompho Kekana nendebe yeDStv Premiership
UMBONO
UBHALWE: Thulisile Miya
ISITHOMBE: Twitter

Seyigoqiwe imidlalo yeDStv Premiership. Indlela ebeyinezigameko eziningi ngakhona le sizini ungaze uzitshele ukuthi beyimfishane noma isheshe yaphela. Besihlezi njalo silangazelele isigameko noma isigigaba esizokwenzeka emidlalweni elandelayo.

Ezinye izigameko bezizinhle kakhulu kuqopheka imilando emisha kodwa ezinye bezikushiya ukhexile futhi ushaqekile. Ngizoqala ngokubheka izigameko ezinhle. IMamelodi Sundowns iyaqhubeka nokukhonya futhi amanye amaqembu asazosebenza kanzima ukuvimba leli qembu. Akuyona into encane ukuvikela isicoco seligi ikakhulukazi uma iqembu lihanjelwe ngumqeqeshi ofana noPitso Mosimane.

Ngemuva kokuthi leli qembu lithathe isinqumo sokuqasha abaqeqeshi abathathu okungoManqoba Mgqithi, Rulani Mokwena noSteve Komphela, sibaningi esasishaya amakhala ngalesi sinqumo. Kodwa ekugcineni kubonakele ukuthi kwaba isinqumo esiphusile.

Usuthu luyahlonishwa futhi lunesithunzi namhlanje
kungenxa yokuzikhandla nokuzinikela kwabo

Bavele basivala imilomo bayivikela iligi yabo ngaphandle kwengcindezi futhi kusasele imidlalo baphinda futhi bavula elikhulu igebe lamaphuzuzu phakathi kwabo noSuthu olugcine lusendaweni yesibili.

AmaZulu agile izimanga futhi ngeke ngiyikhohlwe imilando abayaqophile kule sizini. Angikaze ngicabange ukuthi AmaZulu ngiyoke ngiwabone edlala emqhudelwaneni weCAF Champions League kodwa nakhu ngesizini ezayo kuzokwenzeka lokho.

Ngimethulela isigqoko umphathi woSuthu uSandile Zungu, uBenni McCarthy nethimba lakhe labaqeqeshi nabadlali bakhe. Usuthu luyahlonishwa futhi lunesithunzi namhlanje kungenxa yokuzikhandla nokuzinikela kwabo.

Ngeke ngimshiye ngaphandle umqeqeshi weGolden Arrows, uMandla Ncikazi. Lo mqeqeshi naye udlale ibhola elinenkosi phakathi ngabadlali abangadumile futhi iningi labo lisuka enkulisa yeqembu.

Indlela iqembu lakhe abelihlanganise ngakhona bekucaca nje ukuthi uNcikazi bayamuzwa abadlali bakhe futhi bazimisele ukufela enkundleni belwela iqembu. Nakuba beyimnandi le sizini, kodwa iqiniso ukuthi ibhola aliphelele ngaphandle kwabalandeli.

Kukhona imidlalo ebeyimnandi ngize ngizidwebele isithombe engqondweni yami ngisho ngithi ukube bakhona abalandeli ngabe bashaya ingoma manje uma iqembu labo seliwina. Ngiyazi isimo esiphila ngaphansi kwaso sinzima kodwa beyikhumbuleka ivuvuzela emidlalweni.

Ngiyathemba ukuthi izinto zizobangcono sibuyele sonke ezinkundleni. Ngasekugcineni ngifuna ukuphawula ngezinqumo ebezithathwa ngonompempe. Izikhalo beziningi kakhulu ngoba ayigculisanga indlela abaphathe ngayo eminye imidlalo.

Angazi noma isinqumo sePSL sokungabonakali kwemiklomelo yonondweba emcimbini wangeSonto yize noma besibekile isizathu, kungenzeka yini ukuthi ukushaya udaka yikho okwenze bafinyelela kulesi sinqumo. Ngiyafisa balenyuse izinga ngesizini ezayo.

Thulisile Miya
UThulisile Miya ungumsakazi owethula imidlalo bukhoma Okhozini FM. Lokhu akubhale lapha ngumbono wakhe awuhlangene nabaqashi bakhe.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.