LISENETHINI!: Izoxosha abaxhasi le nsambatheka yePSL

UMBONO

UBHALWE: Thulisile Miya
ISITHOMBE: Twitter

Bekumele kuqale imidlalo yokuhlunga ukuze kubonakale ukuthi yiliphi iqembu elinyukela esigabeni esikhulu kodwa lokho akwenzekanga. NgoMsombuluko ebusuku sithole izindaba zokuthi ngeke isaqhubeka le midlalo ngoba iqembu laKwaZulu-Natal iRoyal AM liiphumelele esicelweni salo sokumisa imidlalo ngoba abagculisekile ngesinqumo esibakhomba ukuthi bayodlala le midlalo.

Kodwa mina angilisoli leli qembu ngokumisa imidlalo ngoba badlalile bawina enkundleni. Inhlangano yebhola, iPremier Soccer League yenza iputha elifanayo unyaka nonyaka.

Angazi kungani kunzima ukulalela amacala bese kuthathwa izinqumo isikhathi sisekhona. Nginesiqiniseko sokuthi ukube lolu daba lwasukunyelwa, ngabe imidlalo iyaqhubeka.

Kusobala ukuthi isizini entsha ngeke iqala ngesikhathi esifanele ngoba zonke izinhlelo kumele zihlehle manje. Yaze yasithela ngehlazo iPSL umhlaba ubhekile! Kuzomele bazinuke amakhwapha ngoba kuyacaca ukuthi kukhona ongawenzi kahle umsebenzi wakhe kule nhlangano.

Angikholwa ukuthi abaxhasi bayasijabulela lesi simo. Abaxhasi bafaka izimali zabo ezishisiwe futhi basuke bebheke inzuzo ekugcineni,kodwa akekho umuntu ofuna igama lakhe limataniswe nabantu abalidicilela phansi.

Kuze kube manje akwaziwa ukuthi kungani kwabaleka abaxhasi beTelkom Knockout. Ngibona bezobaleka abaxhasi ngoba ibhola lethu alinasithunzi futhi lidlalwa ezinkantolo.

Uyazicabanga nje izindleko zeChippa United neRichards Bay FC belungiselela le midlalo kodwa batshelwe ngomzuzu wokugcina ukuthi ayisekho imidlalo.  Phela izinhlelo zonke zomdlalo wokuqala obekufanele udlalwe ngoLwesibili sezibhuntshile.

Iyadlala ifilimu phambi kwamehlo ethu madoda, futhi ngizoke ngobone ukuthi iyozala nkomoni ngoba uma nje isinqumo esizophuma singavuni iqembu leSikhukhune United, bazolidlulisela phambili icala futhi banalo ilungelo lokwenza lokho.

Lo mdonsiswano oqhubekayo kufanele ube yisifundo esikhulu kuyona iPSL ngoba kunje nje kungenxa yobudedengu bayo.

UThulisile Miya ungumsakazi othula imidlalo bukhoma Okhozini FM kanti lo mbono awubhala kule ngosi ngowakhe, awuhlangene nabaqashi bakhe
EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.