LISENETHINI! Kujika izinto njengoba sekusongwa

UMatome Mathiane noTebogo Thlolane

THULISILE MIYA

Ziyaqhubeka nokushuba izinto ebholeni lakithi njengoba kungasensuku zatshwala igoqwe isizini. Kubukeka sengathi impela iMamelodi Sundowns ihamba na0so isicoco seligi njengoba sebevulele AmaZulu igebe lamaphuzu ayisikhombisa phezulu.

Angikholwa ukuthi AmaZulu kuzowaphatha kabi kakhulu uma kungcina kwenzeka lokho ngoba vele Amazulu awakaze aphumele obala athi ayasifuna isicoco seligi, ngicabanga ukuthi yinto abayibhekile manje ukungena kweye CAF Champions League.

Kukhona ingozi engiyibonayo kulamaqembu asengcupheni yezembe. IMaritzburg United ngibona isengozini enkulu ngoba isazodlala namaqembu amabili afuna indawo kuCAF. Umdlalo wokuvala isizini bayowudlala noSuthu olungagayelwa mphako kulezinsuku.

Lo mdlalo ngiwubona uyophula izinhliziyo zabantu abathanda ibhola KwaZulu-Natal ngoba ukushaywa kweMaritzburg kulo mdlalo kungase kuyishovele ezansi endaweni eyingozi kakhulu.

Uma ukhumbula kahle isizini ka 2014/2015 ngesikhathi AmaZulu edliwa yizembe, iyona iMaritzburg eyabashaya yabashovela ehlathini elimnyama. Ngibona kuzoguquka amatafula manje ngoba AmaZulu ngeke avume ukuphucwa iMaritzburg iqatha leCAF emlonyeni.

Mina sengizithola ngiphakathi nendawo ngoba ngiyafuna ukubona amaqembu aseThekwini edlala nezinye izinkunzi zase-Afrika kodwa uma kwenzeka lokho, iMaritzburg ingase idliwe yizembe.

Kuzomele balwe abafana baseMgungundlovu ngoba akekho umuntu ozobenzela ufefe. Ixoxo nexoxo umazigxumele, washo usisi Manto Madlala.

Okungithoba inhliziyo ukubona ukuthi kukhona iqembu elilodwa phakathi kweRoyal AM neRichards Bay elizokhuphukela esigabeni esikhulu ngesizini ezayo, kuzobamnandi kakhulu uma neMaritzburg ingasinda ezembeni.

UThulisile Miya ungumsakazi othula imidlalo bukhoma Okhozini FM kanti lo mbono awubhala kule ngosi ngowakhe, awuhlangene nabaqashi bakhe

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *