LISENETHINI: Kuthi angindize yinjabulo esiyilethelwa yi-Arrows naMaZulu

Ithimba labaqeqeshi baMaZulu FC

THULISILE MIYA

Inhliziyo yami igcwele injabulo njengoba ngibhala le ngosi yanamuhla. Ngijatshuliswa amaqembu ethu aseThekwini, AmaZulu neGolden Arrows. La maqembu enza ezibukwayo kulezi zinsuku ayizibeki into ayenza enkundleni.

Angikhumbuli nangolulodwa usuku ngibona AmaZulu ne-Arrows bekulendawo abakuyo kwilogi njengamanje. Womabili la maqembu aphefumulela entanyeni kwiSundowns njengoba yona izihola phambili.

Angikholwa ukuthi kukhona umuntu odabuka KwaZulu-Natal ongaziqhenyi ngalamaqembu.
Ngithanda ukuncoma kakhulu abaphathi bawo okungoMato Madlala noSandile Zungu ngokunikeza ithuba abaqeqeshi bakithi abasebancane.

Abagcinanga nje ngokubanika ithuba kodwa bayakholelwa futhi babathembile, babasekele ngendlela eyisimanga. Lokho kufakazelwa impumelelo yalamaqembu kule sizini ukuthi uBenni McCarthy noMandla Ncikazi basebenza ngokukhululeka.

Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi ngempela manje sokuthi sikholelwe kubaqeqeshi basekhaya ngoba sebekukhombise izikhathi eziningi ukuthi basezingeni eliphezulu.

Buka nje uPitso Mosimane uqeqesha iqembu elingelikhulukazi e-Afrika ngoba naye wanikwa ithuba nguPatrice Motsepe walibamba ngezandla zombili. Ngikhuluma nje zolo lokhu ubehlonishwa ngendondo yokuba umqeqeshi ovelele kwelaseGibhithe.

Isifiso sami esikhulu manje ukubona okungenani iqembu elilodwa kulawa womabili lingena kwiCAF Champions League ngesizini ezayo.

Phela isipiliyoni esikhulu usithola ngokuzwana amandla nezinye izinkunzi zakwamanye amazwe.

Nginesiqiniseko sokuthi ukhakhayi luqina kakhulu uma uyodlala ngaphandle ngoba izimo zinzima kakhulu amaqembu ahlangabezana nazo, kodwa leso sipiliyoni siyabonakala uma sebebuyile kweyasekhaya siyabanzela.

Yingakho kunzima ukushaya iSundowns ngoba abadlali nabaqeqeshi bayo bayakwazi ukumela noma yisiphi isimo abahlangabezana naso ngenxa yesipiliyoni abasithola ngokudlala ngaphandle. Kuyosiza neqembu lesizwe ukuba nabadlali abaningi abanesipiliyoni sokudlala emazweni.

Nginesicelo esisodwa nje vo kubaphathi balamaqembu, ukuthi bangabadayisi abadlali uma seyigoqwa isizini ngoba ukuqala kabusha iqembu kuyinto enzima. Ngiyazi ukuthi akuyona into elula leyo kodwa ngiyafisa yenzeke.

Asehlangane kamnandi manje lamaqembu ngiyafisa ukuthi isizini entsha babuye bephelele bonke abadlali bawo.

Ngiyathemba neMaritzburg United kuyayigqugquzela ukubona lamaqembu enza kahle kangaka.

Angisakwazi ukulinda kubuye abalandeli ezinkundleni bazoshaya ingoma uma la maqembu ebhuquzisa abantu ngenduku.

Angisakwazi ukulinda kuqale isizini entsha ngibone ukuthi uma la maqembu eqhubeka nokwenzakahle ngeke yini siyithole indebe eyodwa esifundazweni sethu.

Injabulo yami inkulu kakhulu ayichazeki. Mina ngithi nje qhubekani nibashaye bafana bakithi ngeke nginikhuze.

UThulisile Miya ungumsakazi owethula imidlalo bukhoma oKhozini FM kanti imibono ayibeka kule ngosi ngeyakhe ayihlangene nabaqashi bakhe

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.