LISENETHINI!: Kuyakhuthaza ukubona abafana abakhuliswe yiqembu sebequkula izindebe

UReece James noPhil Foden besemncane

INGOSI/UMBONO

UMBHALI: Thulisile Miya
IZITHOMBE: Twitter

Kule mpelasonto edlule amehlo ami adonswe kakhulu izithombe engizibone ezinkundleni zokuxhumana phesheya kwezilwandle ngemuva kokuthi iChelsea neManchester City benqoba izicoco seligi kanjalo ne-Uefa Champions ligi. Lezi zithombe ziveza abadlali balamaqembu besafika bebancane kakhulu emaqenjini abo njengoba sebephakamisa izinkomishi.

Umdlali weManchester City, uPhil Foden wafika enemiyaka eyisithupha. Bese kuthi uReece James kanye noMason Mount bobabili abagijima kwiChelsea nabo bafika besebancane kakhulu. Kodwa indlela asebevuthwe ngakhona sebewinela amaqembu abo izicoco.

Ngikhuluma nje labadlali sebedlala ngisho eqenjini lesizwe le-England. Ngiyazibuza nje ukuthi yikuphi thina esingakwenzi kahle ngoba phela akujwayelekile ukuthi sibone izithombe ezifana nalezi kuleli lakithi uma amaqembu ewina izicoco.

UMason Mount esemncane

Phela lezi zithombe zikhuthaza izingane ezinkulisa zamaqembu, ukuthi amaphupho ayafezeka. Futhi zikhombisa ngokusobala ukuthi ikusasa leqembu lisezandleni ezifanele.

Ngicabanga ukuthi ukuziphatha kwabadlali bethu uma besakhula kunomthelela ngoba abanye bavele banyamalale kakula nje kade sesibona ukuthi umfana unekhono elimangazayo. Okunye kungaba indaba yezimali emaqenjini ngoba umdlali uma esekhulile bayamdayisa ngoba bedinga imali yokusimamisa amaqembu.

Kumele sibabonge ngempela abaxhasi beDStv Diski Challenge ngoba sesiyaqala manje ukubona kancane abadlali abancane benyuselwa ezikwatini ezinkulu futhi bafike benze kahle. Yize ke nje beqhamuka sebekhulile, sebeneminyaka engaphezu kuka-17.

Uma ngicabanga kahle, uRonwen Williams kanye no-Itumeleng Khune kuphela engibakhumbulayo abafika beyizingane kodwa sebephakamise izinkomishi eziningi namaqembu abo. Futhi bangokaputeni. Kuzomele sifunde ukuthi inkunzi isematholeni ngoba ekugcineni laba badlali abancane bayikusasa leqembu lesizwe, iBafana Bafana.

Abafana abancane kumele banikwe ithuba lokudlala ukuze bezoqina ukhakhayi. Thina eMzansi sikholelwa ukuthi umfana onemiyaka engu-20 simbiza ngengane kodwa phesheya kwezilwandle abadlali abancane bawina izicoco futhi banesandla esikhulu kulezo zicoco.

Kuzomele izinkulisa zamaqembu zishintshe ukwenza futhi abaqeqeshi kumele banike abafana abancane ithuba lokudlala ezikwatini ezinkulu.
Email: Editor@impempe.com

UThulisile Miya ungumsakazi owethula imidlalo bukhoma Okhozini FM. Lokhu akubhale lapha ngumbono wakhe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *