LISENETHINI!: Lusigeze izinhliziyo Usuthu

Abadlali baMaZulu FC

THULISILE MIYA

Kule mpelasonto esiphuma kuyo sibone umlando uqopheka phambi kwamehlo ethu. Usuthu lugila izimanga kulezi zinsuku ayisizibeki indaba yalo.

Ngemuva kokunqoba koSuthu emdlalweni wabo neGolden Arrows, AmaZulu kushone ilanga langoMgqibelo eqhwakele kwiDSTV Premiership. Yiwo lomlando engikhuluma ngawo.

Mina selokhu ngazalwa bengiqala ngqa ukubona AmaZulu ehlezi phezulu kusele imidlalo emine kuphela ukuthi igoqwe isizini.

AmaZulu bekuyiqembu elijwayele ukubalwa navika izembe, kodwa kule sizini izinto zishintshile oSuthwini.

Namanje angiwakholwa amehlo ami uma ngibheka ilogi ngibona Amazulu kule ndawo ahlezi kuyo, kuba sengathi ngiyaphupha. Inhliziyo yami igcwele injabulo engachazeki.

Lusigeze amagilo Usuthu

Ngiyazi ukuthi sibaningi esasicabanga ukuthi umphathi waMaZulu omusha, uSandile Zungu uyagagamela uma ethi ufuna Usuthu okungenani kuphele isizini luhlezi endaweni yesine.

Hhayi ngoba bengiwadelela AmaZulu kodwa indlela abedlala ngayo kulamasizini amaningi adlule bekungenza ngingabaze ukuthi angaqeda kule ndawo, ikakhulukazi ngoba bekuba nzima ngokungena kwayisishiyagalombili ekuphelelni kwesizini.

Kodwa manje sekuyavela ukuthi uZungu uyayazi into ayenzayo. AmaZulu asephenduke iqembu esilangalazi kodwa elijabulisa wonke umuntu eNingizimu Afrika hhayi KwaZulu-Natal nje kuphela.

Lokhu ngikusho ngoba ngemuva komdlalo ngoMgqibelo ezinkundleni zokuxhumana wonke umuntu ubekhuluma ngoSuthu.

Sibaningi ebesifisa ukuthi eziMnyama zishaye iMamelodi Sundowns ukuze AmaZulu ezoqhubeka nokuhlala esicongweni kodwa ngeshwa ke isifiso sethu asifezekanga.

Ngiyawadabukela amaqembu asazodlala noSuthu ngoba abadlali balo sephenduke izilwane. Laba bafana bayavutha bhe bafika endaweni bashiye kukhalwa.

Uyazibonela nje ukuthi abadlali bazimisele ukufela enkundleni. Iqembu elizodlala naMaZulu kumele lazi ukuthi liya empini ngoba ahlome ngandlela zonke.

Ngathi yiphupho qobo

UZungu usibuyisile isithunzi soSuthu waphinda futhi wafaka ugazi olukhulu kubalandeli.
Angisakwazi ukulinda abalandeli boSuthu bagcwalise izinkundla uma sekuvumelekile ukuthi bangene ezinkundleni.

Into engiyithanda kakhulu ngoSuthu njengoba lwenza kahle kanje akekho okhala ngokuthi luyenzelelwa.

AmaZulu ashaya abantu ngebhola nje enkundleni. Ngimethulela isigqoko uBenni McCarthy, uyakwazi ukwakha ubumbano kubadlali.

Noma ubani uyazibonela nje ukuthi luhlangene Usuthu, bayazwana kakhulu abadlali bawumndeni.

Ayikho ingcindezi

AmaZulu awanayo ingcindezi yokuwina iligi kodwa uma izinto zibavuna kuyobamnandi kakhulu uma beyithatha.

Mina konke osekwenziwe AmaZulu kule sizini ngigculisekile, inhliziyo yami igezekile.

Noma kungenzekani ngesicoco seligi mina angisenandaba. Engikufunayo nje ukuthi AmaZulu anqobe yonke imidlalo yawo esele.

Angifuni ukungena kakhulu kulamahlebezi akhomba uBenni kuBafana Bafana ngoba umoya wami uvele ushone phansi. Mina ngifuna uBenni aqhubeke asebenze oSuthwini nangesizini ezayo.

UThulisile Miya ungumsakazi othula imidlalo bukhoma Okhozini FM kanti lo mbono awubhala kule ngosi ngowakhe, awuhlangene nabaqashi bakhe

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *