LISENETHINI!: IChiefs iyasibusisa kulesi sikhathi samacala

LISENETHINI!: IChiefs iyasibusisa kulesi sikhathi samacala
Abadlali beKaizer Chiefs

UMBONO

UBHALWE: Thulisile Miya
ISITHOMBE: Twitter

Yazi ngokujwayelekile ngalesi sikhathi uma isizini ivaliwe izinto okukhulunywa ngazo kakhulu ukugcogcoma kwabadlali besuka emaqenjini abo bejoyina amanye. Kodwa kule sizini izinto zithanda ukwehluka kancane.

Asikaboni ukugcogcoma kwabadlali okuthusayo kodwa kuningi kakhulu okwenzekayo. Umuntu ugcina engasazi ukuthi yikuphi okumele akhulume ngakho.

Kodwa kukho konke okwenzekayo ebholeni kulezi zinsuku, ngikhethe ukuncoma okwenziwa yiKaizer Chiefs KwiCAF Champions League. Lo mqhudelwano ungomkhulukazi ezwenikazi lase-Afrika.

Ngiyazi omunye uzothi ngiyagagamela ngoba awukapheli lo mqhudelwano.  Kodwa ngemuva kwesizi embi kuleli qembu mina ngifuna ukubancoma indlela abadlala ngayo ngaphansi kwengcindezi.

Ngikhuma nje iChiefs seyiwufakile umlenze owodwa emdlalweni wamanqamu ngemuva kokushaya iqembu laseMorocco, iWydad Athletic le eCasablanca.

Iqiniso elimsulwa ukuthi akekho noyedwa obecabanga ukuthi leli qembu lizohamba ibanga elide kangaka futhi lidlule emaqenjini anzima kanje kulo mqhudelwano.

Izinto zibhimbile kuleli qembu kule sizini ekhaya, kodwa ukwenza kahle kwabo kule midlalo kuqinisa ithemba kubalandeli bayo. Nathi ebesiyingabaza iChiefs isivala imilomo.

Angiyena umlandeli omkhulu weVAR kodwa iyadingeka uma kudlalwa le midlalo ngoba buningi ubuqophololo ebenzeka kule midlalo. Siyibonile isebenza umsizi kanompempe eseliphikile igoli likaSamir Nurkovic.

Njengamanje leli qembu lithwele amathemba ethu siyiNingizimu Afrika futhi kuyabonakala ukuthi bazimisele ngokuyinqoba le nkomishi.

Ayivele ivalwe imidlalo yokuhlunga: https://bit.ly/3qgTXJf

Umdlalo womlenze wesibili ngempelasonto kuzoba ngomunye umdlalo omqoka kakhulu kuleli qembu. Uma begcine bengenile kowamanqamu, kuzobe sekungenzeka noma yini.

Okungikikeza kakhulu amathemba ukuthi owamanqamu kuba wumdlalo owodwa kuphela, alikho ithuba lokulungisa amaphutha emlenzeni wesibili. Yingakho ukucabanga kwami ngeChiefs sekushintshile.

Bazimisele futhi bazinikele kakhulu kunakuqala manje. Abaningi bakhala ngokuthi nakuba inqobile iChiefs eMorocco kodwa ayidlalanga kahle uma ubheka izinombolo ekupheleni komdlalo.

Mina owami umbono wehlukile, iqhinga lokuhlala emuva bese bathembele ukubazuma libasebenzele kakhulu futhi uma udlala le midlalo akubalulekile ukuthi udlala kanjani. Umphumela womdlalo into obalulekile.

Kuyabonakala ukuthi ukahamba ibanga elide kwaleli qembu kulo mqhudelwano kubuyisa ukuzethemba kubadlali futhi ukhakhayi luyaqina umdlalo nomdlalo.

Ngilibona lizoba yingozi leli qembu ngesizini ezayo, ikakhulukazi njengoba isigwebo sabo sokusayinisa abadlali sesiphelile. Sesibheke ukuthi baqedele lo msebesenzi abawuqale eMorocco ngempelansonto.

Ngiyathemba ngikhulumela abaningi uma ngithi siyizinkumbi zabathandi bebhola sisemuva kwalo leli qembu, futhi silifisela inhlanhla nempumelelo emlenzeni wesibili. Ukwenza kahle kwayo kusinika okuhlukile kulesi sikhathi samacala. Lisenethini!

UThulisile Miya ungumsakazi othula imidlalo bukhoma Okhozini FM kanti lo mbono awubhala kule ngosi ngowakhe, awuhlangene nabaqashi bakhe
EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

One thought on “LISENETHINI!: IChiefs iyasibusisa kulesi sikhathi samacala”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *