Lishayiwe IBhakaniya eNigeria, kodwa …

UWayne Sandilands

OKADONGA GUMBI

Bese kuminciwe, futhi sekuqalile ukubala kodwa kwavela ukuthi i-Orlando Pirates iyadlulela phambili kwiCaf Confederation.

Phela iPirates beyiye eNigeria la beyibhekene khona ne-Enyimba idinga nje ukudlala ngokulingana ukuze ingene emzuliswaneni womkhumulajezi.

Nokho ayikwazanga ukukwenza lokho njengoba igcine iguqile, umdlalo uphela ngo 1-0 wegoli lika-Udechukwu Chinedu elingene sekusesikhathini esengezwe ngunompempe.

Lo mphumela nokho awumubi kangako kwiBucs ngoba iqede endaweni yesibili kuGroup A. Lokhu kungenxa yokuthi i-ES Setif nayo ayizange izibukele phansi yayishaya ngo 1-0 i-Al Ahly Bengazhi yaseLibya, ngesikhathi esifanayo.

IPirates nokho iqede isendaweni yesibili, ilandela i-Enyimba yize bobabili benamaphuzu ayisishiyagalolunye. EzaseNigeria ziseqhwini ngenxa yesibalo esingcono samagoli.

IBhakhaniya likhombise isibindi njengoba livele ladlala sengathi yilo elisekhaya, liyidudulela emuva i-Enyimba. Futhi ukube belinayo inhlanhla belizolithola igoli esiwombeni sokuqala.

Ukungapaki ibhasi kweBucs kubukeke kuyixaka i-Enyimba ebivele iphelelwe ngamaqhinga, kuthi noma isiliphethe ibhola igcine ilidayisa, ilibiza amasenti amahlanu bese iPirates ilithenga.

Nokho nayo beyibuye ingazi ukuthi ilenzeni uma isiliphethe, igcine itatazela bese yehluleka ukujezisa izitha.

Kodwa lokhu bekungenankinga ngoba bekusebeenzela yona iPirates kwazise beyidinga ukudlala ngokulingana kulo mdlalo ukuze iqinisekise indawo yayo esigabeni somkhumulajezi.

Kuze kwayiwa zisalokhu zibambene ingekho evuma ukugoba uphondo, okuyinto ebisiza iBucs. Esiwombeni sesibili iPirates iphuzile ukwenza izinguquko yize abanye abadlali bese bebonakala ukuthi sekuphele wona amandla.

Nokho ikwazile ukugqilaza iqembu lasekhaya ingalivumeli ukuthi lizenzele elikuthandayo. Kodwa kuthe sekusesikhathini esengezwe ngunompempe, i-Enyimba yalithola igoli elibalulekile neliyiwezile.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *