Liswele izimpiko lindize yinjabulo iphoyisa libizwa kwiBanyana

Liswele izimpiko lindize yinjabulo iphoyisa libizwa kwiBanyana
UMandisa Faya (kwesokunxele)
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Sithunyelwe

Uhluleka nawukuchaza indlela ajabule ngayo uMandisa Mandy Faya odlalela iLindelani Ladies obizwe kwiBanyana Banyana okokuqala.

Lo mdlali waseNanda, oneminyaka engu-26, akakholwanga ngesikhathi ethola ukuthi ubizelwe ekhempini yeBanyana eqala ngeSonto.

“Ngijabule ngokweqile. Leli yithuba engikade ngalilindela njengomdlali webhola,” kusho uFaya ngoLwesihlanu.

Uthe uthando lwakhe lwebhola lwakhipha ezokusubatha okuyinto ayeyenza ngaphambi kokuthi agxile kunobhutshuzwayo.

“Bengingumgijimi ngaphambi kokuthi ngidlale ibhola. Kwadingeka ukuthi ngikhethe phakathi kokusubatha nokudlala ibhola ngoba bengivamise ukugijima ngemiGqibelo.

“Uthando lwebhola luqale ngokuthi ngidlale nabafana bangasekhaya emgwaqweni. Ngiqale ngadlalela iReal Dolphin ngase ngidlulela kwiLindelani Ladies.

“Into eyenze ukuthi ngikhethe ibhola ukuthi baningi abebengifuna ukuthi ngizobadlalela,” kubeka uFaya.

Uthe umndeni wakhe ujabule kakhulu ngokuthi ubizwe kwiBanyana ngoba vele uyazifela ngebhola.

“Umndeni wami uyangeseka kakhulu ekudlaleni kwami ibhola. Siwumndeni ozithandayo ezemidlalo futhi sihlobene noJoel Faya.”

UJoel Faya yinkunzi eyaziwayo kunobhutshuzwayo eyake yadlalela AmaZulu. UMandisa uyiphoyisa limasipala  ngokomsebenzi kanti uqale ngoMashi nyakenye.

FUNDA NALA: Kuboshelwe izibabuli zabagijimi kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon

Uthe wazi kahle ukuthi kumele abhukule uma esefike kwiBanyana ngoba akusiniswa amahleza.

“Ukuncintisana kukhulu kakhulu kwiBanyana ngoba kukhona abadlali abaphezulu abadlala ezingeni eliphezulu.

“Nokho ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngikuphinda kabili lokhu ebengikwenza. Kumele ngibhukule,” kusho uFaya.

Lo mdlali ukwazi ukudlala izindawo eziningi enkundleni. Ukwazi ukudlala njengomgadli, ukudlala ophondweni lwesokudla, ukudlala emuva kwesokudla naphakathi emuva.

Uthe ubonga kakhulu abaqeqeshi bakhe kwiLindelani Ladies, uNkosinathii Vilakazi noSithembiso Mbuyazi.

Uphinde wathi ngeke akhohlwe umqeqeshi afunde lukhulu kuyena esadlalela iReal Dolphin, uZakhele Luthuli.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.