Litholwe linegciwane leCovid-19 iphini lomqeqeshi kwiBafana

Javenski Cedomir Helman Mkhalele Bafana Bafana
UHelman Mkhalele
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usethole ukuthi unegcinwane lobhubhane iCovid-19 uJavenski Cedomir oyipjhini elisha lomqeqeshi weBafana Bafana. UCedomir ufike kuleli ngempelasonto njengoba bekuzoba nguyena noHelman Mkhalele abazohlala ebhentshini ngesikhathi iBafana idlala umdlalo wobungani ne-Uganda ngoLwesine.

Umqeqeshi, uHugo Broos usathe qu kwelakubo eBelgium la eyojova khona umjovo wokuvikela leli gciwane. UCedomir, naye ongowakhona eBelgium, uwuhlabile lo mjovo ngaphambi kokuza kuleli.

Ukutholakala kwakhe enaleli gciwane sekuphoqe ukuba aqhele emisebenzini yeqembu njengoba ezohlala ngaywedwana izinsuku ezilishumi. Lokhu sekushiye uMkhalele ukuthi asebenze yedwa.

IBafana ibisivele ishoda njengoba uTebogo Mokoena weSuperSport United ehoxisiwe ngemuva kokutholakala ukuthi utheleleke ngalo lei gciwane. NoPercy Tau yisimo esifanayo.

UMkhalele uthe bayisithupha abadlali abangabatholanga ngenxa yokulimala nayo iCovid-19. Uthe abababizanga nabafana abaneminyaka engaphansi kuka-23 ngoba bebanika ithuba lokulungiselela ama-Olympics.

“Cishe u-80% wabadlali abalapha (ekhempini) bazobe bedlala okokuqala eqenjini lesizwe. Ngaphezu kwalokho kunabadlali abayisithupha esingabatholanga ngenxa yeCovid-19.

“Uhlelo lwethu lokwakha kabusha iqembu lufaka iningi labadlali abaneminyaka engaphansi kuka-23. Kodwa njengamanje base-Egypt,” kusho uMkhalele. Iqembu le-Under 23 lidlala eyobungani nelase-Egypt kuleli viki.

“Asibafakanga abaneminyaka engaphansi kuka-23 ngoba balungiselela ama-Olympics azoba seTokyo (ngoJulayi). Sicabanga ukuthi lokhu esikwenza manje kuhle ngoba kuzosisiza sisefe abadlali size sithole iqembu eliqinile leBafana,” kuchaza uMkhalele.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *