Lithutha eKapa liya eGoli nabadlali abayisithupha eleChampionship

Lithutha eKapa liya eGoli nabadlali abayisithupha eleChampionship
UMorgan Mammila oyisikhulu se-All Stars
Sbongs Gumbi

Iqembu elidlala kwiMotsepe Foundation Championship, iCape Town All Stars, alisekho kodwa sekuzosala i-All Stars kanti selizozinza eGoli.

Okuxakayo ke wukuthi njengoba sekubalwa izinsuku kuqale imidlalo yale ligi, leli qembu lithi lisenabadlali abayisithupha kuphela.

Ukuthuthela kwalo eGoli kuzokwenza iGauteng iphinde ibe namaqembu amathathu kulesi sigaba. Phela besehlile isibalo aba mabili kulandela ukudliwa yizembe kweJomo Cosmos.

Izindaba zokufuduka kwaleli qembu ziqinisekiswe nguMorgan Mammila oyisikhulu salo, kanti uyazethemba ukuthi kuzoqala isizini seliphelele iqembu.  

“Ngingakuqinisekisa ukuthi sesiyithuthile iCape Town All Stars futhi isizobizwa nge-All Stars njengoba sekungeyasegoli nje,” ucashunwe esho kanje ngabeSABC Sport.  

“Ngeviki elidlule benginomdlali oyedwa la eqenjini, kodwa manje sengingakuqinisekisa ukuthi sebeyisithupha,” kuchaza lesi sikhulu esishiye isigubhukane kwiChippa United. 

“Bekungelula kwiChippa ukuthi ingidedele… Kodwa into enginesiqiniseko ngayo wukuthi 9uSiviwe Mpengesi) usengumngani wami.

“Uyakuqonda ukuthi bese kufike isikhathi sokuthi ngithole inselelo entsha ekwiMotsepe Foundation (Championship). 

“Kimi, akubalulekile ukuthi ngibe nesithunzi sokusebenza eqenjini elikwiligi enkulu… Cha, mina ngifuna ukwenza umehluko lapha ezweni ngebhola. 

“Ungakhohlwa wukuthi usihlalo (uLunga Ncwana) waleli qembu wasuka nalo kumaligi amancane njengoba selize lafika la kwiMotsepe Foundation Championship. 

FUNDA NALA: IPirates yethule ijezi ezobungaza ngalo iminyaka engu-85 yasungulwa

“Lokho kusho ukuthi unamandla. Ngakho uma uhlanganisa lo sihlalo onamandla kanje nami, ngicabanga ukuthi kuningi esingakuzuza.

“Iphupho lethu wukuthi senyusele leli qembi kwiDStv Premiership futhi njengamanje yilokho kuphela esikubhekile,” kuchaza uMammila. 

I-All Stars iqede endaweni yesithathu kwiChampionship ngesizini edlule kodwa lasheshe lahluleka emidlalweni yokuhlunga egcine iwinwe yiSwallows FC.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.