Lixhawulwe ngesheke lesizumbulu iqembu leMotsepe League eMsinga

ALFRED NGUBANE

Kuqhilike izihlathi kubaphathi bamaqembu aseMsinga ethola uxhaso kumasipala wakhona ngempelasonto. Umasipala wakule ndawo uhlomulise wonke amaqembu angaphansi kwawo adlala kumaligi eSafa.

Ngesikhathi imeya, uBP Ngcobo emukelisa amaqembu angu-18 amasheke, utshele Impempe ukuthi bafisa ukubona amaqembu aseMsinga ekhula aze afinyelela esigabeni seGladAfrica Championship neDStv Premiership.

“Njengoba iMsinga United isudlala kwiMotsepe League, ngifisa ukuthi ukukhuphukele phambili. Uphinde ukhiqize abadlali abasezingeni eliphezulu abazomela neqembu lesizwe, iBafana Bafana.

“Lokho angikungabazi ukuthi kuzokwenzeka ngenxa yekhono labafana abakhona lapha eMsinga ababonakala belambele inqubekela phambili,” kusho uNgcobo. Uphinde wabongela uMvoti FC ngokudlulela emidlalweni yokuhlunga kazwelonke kwiMotsepe League eMpumalanga.

Uthe likhona ithemba lokuthi bazodlulela kuGladAfrica ngenxa yokuthi sebenesipiliyoni ngale mdlalo. Kufanele ukuthi sebeyaqonda abafana nabaqeqeshi ukuthi yini okumele bayenze.

Kuzokhumbuleka ukuthi abafana baseMdlovane abaqali ukungena kweyokuhlunga njengoba bebekhona ngonyaka odlule lapho bakhala ngaphansi kwangena iBizana Pondo Chiefs yase-Eastern Cape nePretoria Callies yaseGauteng.

UDoctor Mkhonza opheka iMvoti United, uthe bazozibamba ziqine kakhulu kulokhu ngoba akusiniswa amahleza emidlwalweni yokuhlungela ukungena kwiChampionship. Uthe abafana bakhe bayakuqonda ukuthi kumele bayele ukunqoba kuphela.

Kumaqembu ahlomulile kukhona khona iMsinga United ehlomule ngo-R200 000 kwathi amanye ahlomula ng-R10 000 iqembu ngalinye. Wonke lamaqembu ahlomulile adlala kwiSAB League.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe.com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *