Liyafezeka iphupho lamaqembu amahlanu esigabeni esikhulu eKZN

U-Augustine Mulenga noThabani Zuke

SIHLE NDLOVU

Iphupho lokuba namaqembu amahlanu aKwaZulu-Natal ayibamba kwiDStv Premiership ngesizini ezayo, liyinto engakashabalali yize lokhu sekuzoncika nakweminye imiphumela. Njengamanje iRoyal AM yakusona lesi sifundazwe ibukeka isendleleni yokuphakamisa isicoco eGladAfrica Championship, njengoba idinga iphuzu elilodwa kuphela emdlalweni wokugcina.

Sekungaba yibhadi nje kuphela uma leli qembu lingaphunyukwa yisicoco emidlalweni yokugcina, ngoba phela ibhola liyagingqika. Ngakolunye uhlangothi iKwaZulu-Natal inalo ithuba lokuba neqembu elizodlala imidlalo yokuhlunga uma sekusongwe isizini. IRichards Bay FC ingangena kule midlalo kodwa iphupho layo lokunyukela kwiDStv Premiership liphakazamisekile ngesikhathi ibambana neJomo Cosmos ngo 1-1 ngempelasonto.

IRichards Bay isenethuba lokungena kweyokuhlunga

INatal Rich Boyz ike yahlala esicongweni isikhathi eside, futhi bekubonakala sengathi iyona ezokhala yemuke nesicoco. Nokho manje izithola isendaweni yesine kwi-log nokuchaza ukuthi amaqembu amabili angenhla kwayo, okuyiSekhukhune United neTS Sporting, kumele ashaywe noma adlale ngokulingana ukuze yona (iBay) izibekisele indawo kweyokuhlunga, uma izowina umdlalo wayo wokugcina.

Indlela elidlala ngayo leli qembu laseBay kule midlalo yokugcina yenza lingabi khona ithemba lokukuthi lizokwazi ukuyodlala imidlalo yokuhlunga. Amaqembu amabili eChampionship, elizoqeda endaweni yesibili nelizovala likweyesithathu, yiwona azodlala imidlalo yokuhlunga. Azogadulisana neqembu elizoqeda kwiDStv Premiership lisendaweni ka-15.

‘Maningi amathuba okuthi elinye
lalawa lidlale imidlalo yokuhlunga
elinye selikhuphukile’

Umengameli waMaZulu FC, uSandile Zungu, uke waphawula ngalolu daba ngesikhathi kunesithangami nabezindaba soSuthu emasontweni edlule. Uthe ukwanda kwamaqembu aKwaZulu-Natal ayibamba kwiDStv Premiership kungaba yinto enhle kakhulu.

“Phakathi kweRichards Bay neRoyal AM kukhona iqembu elizokhuphuka ngokudla umhlanganiso kwiGladAfrica Championship. Maningi amathuba okuthi elinye lalawa lidlale imidlalo yokuhlunga elinye selivele selikhuphukile,” kusho uZungu emasontweni edlule.

“Kungaba yinto enhle kakhulu leyo. Uyabona nje ukuthi amaqembu aKwaZulu-Natal enze kahle kule sizini. Ngiyayihlonipha kakhulu iLamontville Golden Arrows, uMandla Ncikazi noMabhudi Khenyeza.

“Benze umsebenzi omuhle kakhulu kule sizini. Sinobudlelwano obuhle futhi nomama uMato Madlala. Makhulu amathuba okuthi sibe namaqembu amahlanu aseKZN kwiPremiership ngesizini ezayo,” kubeka uZungu iqembu lakhe elisendaweni yesibili kwiPremiership.

Kuzokwanda isibalo semidlalo esifundazweni

Ukuba namaqembu amaningi aKwaZulu-Natal kwiPremiership kungenza ukuthi amaqembu akulesi sifundazwe enze kahle kakhulu ngoba kungasho ukuthi imidlalo azoyidlalela kulesi sifundazwe izoba miningi. Kwesinye isikhathi ukuhamba njalo kuyabakhathaza abadlali bagcine sebengasadlali ngendlela okusuke kulindelwe ngayo.

Kuzohlaluka ngempelasonto ukuthi leli phupho lokuba namaqembu amahlanu aKwaZulu-Natal ngesizini ezayo lizofezeka yini. Okwamanje kubukeka kuyinto engenzeka ngoba neMaritzburg United ibukeka izosinda ezembeni.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.