Liyamkhuba emoyeni uMaluleka igqubu labalandeli beChiefs

Liyamkhuba emoyeni uMaluleka igqubu labalandeli beChiefs
UGeorge Maluleka osedlala kuMaZulu FC manje
Sbongs Gumbi

Ngesikhathi uGeorge Maluleka – osanda kusayina kuMaZulu FC – eshiya kwiKaizer Chiefs eya kwiMamelodi ekupheleni kukaJuni 2020, kwakungoba inkontileka yakhe naleli qembu laseNaturena yabe seyiphelile.

Kodwa cishe into ayengayilindele uMaluleka wukuthi eminyakeni emibili ukusuka lapho, uzobe esasolwa ngokuba ngumdayisi njengoba iChiefs yasala yehluleka ukudla isicoco seDStv Premiership.

Inkontileka yakhe yaphela ngesikhathi imidlalo yeligi isamisiwe kulandela ukuqubuka kokuvethe lweCovid-19 ngoMashi ka-2020, okwaholela ekumisweni kwayo yonke into ezweni.

Kwathi uma imidlalo seyiqhubeka ngoSepthemba walowo nyaka, uMaluleka wayesevele esengoweSundowns engeke esakwazi ukudlala kwiChiefs.

Kodwa ke njengoba ayengumgogodla weqembu leChiefs elalihlezi eqhulwini ngesikhathi kumiswa imidlalo futhi linegebe elihle, izinto azibange zisahamba kahle engasekho.

Lokho kwaholela ekutheni igcine ikhale ngaphansi, isicoco sahamba neSundowns njengoba yasidla ngosuku lokugcina lwemidlalo yeligi.

“Ngiyezwa ukuthi namanje abanye abantu basacasukile ngokushiya kwami kwiChiefs ngiye kwiSundowns… Sengikhulume kakhulu ngalento,” kusho uMaluleka kwabeSAfm ngoLwesibili.

“SengikuMaZulu manje futhi ngifuna ukugxila kule ngxenye yempilo yami. Nganginobudlelwano obuhle – futhi namanje busebuhle – neChiefs.

“Ngawakhipha wonke amangwevu ami uma ngiyidlalela. Sengivukwa umunye ke manje,” kusho uMaluleka ngezwi ebeselizwakala ukuthi izinyembezi ziseduze.

“Lento yenzeka umhlaba wonke. Uma izinhlangothi ezimbili zingavumelani into elandelayo wukuthi kwehlukanwe. Impela khona kwenzeka esikhathini esibi…

“Kodwa imenenja yami iyona eyazi kahle ukuthi kwenzekani. Yona neChiefs abazange bavumelane ngokuthile kwinkontileka entsha.”

UMaluleka akazange abe nempumelelo kwiSundowns njengoba egcine eseshukusha ibhentshi waze waphenduka ihlaya kubalandeli beChiefs.

“Ngiyazi abantu basangicasukele. Kodwa sengifuna ukuphuma kulento ngibheke phambili nempilo yami. Namanje abantu basakhuluma ngakh benze namahlaya, kodwa mina sengidlulile kukho.”

Ngesijhathi eshiya eNaturena, kwakunamahlebezi okuthi wayefisa ukwelula inkontileka ngezinyangana ezimbalwa ukuze aqedele isizini.

FUNDA NALA: ISuperSport iphika eyokudayiselwa kwayo isicebi saseZimbabwe

Abanye babalandeli bakholwa wukuthi ukube wayehlalile iChiefs yayizosidla isicoco seligi ngalowo nyaka kwazise sasisezandleni zayo.

“Ngeke ngikwazi ukuphawula ngalokho. Imenenja yami iyona eyayixoxisana neChiefs. Ngalesi sikhathi ngangingumdlali weChiefs, kwabe sekuqubuka iCovid.

“Angazi ukuthi yini eyenza emahhovisi… Ngaba nesikhathi esihle kwiChiefs futhi ngangidlala ngokuzimisela. Ngenze okufanayo nakwiSundowns.

“Abantu bazohlala becasuka ngalokho kodwa lokho kuyinto yakhona ebholeni. Ukubangangisenayo inkontileka neChiefs, ngangiyihlala ngiqedele imidlalo.

“Sengadlula kukho konke lokho. Kodwa ngicabanga ukuthi kuyinto yakhona vele ebholeni ngoba ngisho namanje kusakhulunywa ngakho.

“Kubuhlungu ke nokho ukusolwa ngento efana nalena ekubeni abantu bengazi ukuthi empeleni kwenzakalani. Kodwa ke kuzomele ngikwamukele nje.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.