Liyamlandela iququ lenkulumo yakhe uBaxter yize esexolisile

Stuart Baxter Kaizer Chiefs Odisha
UStuart Baxter
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ubone kunesidingo sokuthi aphinde axolise ngokwenza kwakhe ihlaya into eyicala elimbi neyisihlava esibi umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, uStuart Baxter.

Lo mqeqeshi waziphendula iqaqa ngesikhathi ethi mhlawumbe abadlali bakhe kumele badlwengulwe kubuka wonke umuntu ukuze banikwe amaphenathi.

Wakusho lokhu ngesikhathi eqeqesha iqembu elidlala kwiSuper League e-India, i-Odisha FC. Leli qembu lakusukumela ngokushesha lokhu, lamtshela ukuba aqoqe amasakana akhe aphume aphele kuleliya lizwe.

Waxolisa ngalokhu kukhulula kwakhe. Nokho iphunga lale nkulumo yakhe kubukeka sengathi liyomlandela impilo yakhe yonke.

Kuyimanje kukhona abangeneme ngokubuyiswa kwakhe yiChiefs ngemuva kokuba eziveze ukuba ngumuntu ohlekisa ngezimo ezibucayi.

“Indlela engahamba ngayo e-India ngenxa yezinto engazisho ayibanga yinhle. Uma ngikhuluma iqiniso nje, ngakhuluma into ewubulima,” kusho lo mqeqeshi oneminyaka engu-67.

“Ngibona kufanele ngiphinde ngixolise njengoba sengiphinde ngazosebenza lapha eNingizimu Afrika.

“Ngiyaxolisa ngakho konke engakusho okwaphatha kabi abantu, ngiyazithoba, ngiyaxolisa. Ngiyazi kuyicala elibi lokhu engakhuluma sakuncokola ngakho. Ngangingaqondile ukwenza lokho futhi akuyona indlela engizizwa ngayo ngaleli cala.

“Ngiyazi kwabacasula abaningi, ngalokho ngiyaxolisa. Ngiyathembisa ukuthi ngeke ngiphinde ngikhulume budlabha ngezinto ezibucayi kanje.

“Ngethemba ukuthi bonke abaphatheka kabi ngalokhu engakusho bazokwamukela ukuxolisa kwami okusuka ekujuleni kwenhliziyo yami,” kusho uBaxter.

Yize ephinde waxolisa, abanye abakwamukelanga lokhu njengoba bebhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kuyichilo ukuqashwa kwakhe.

Kukhona nababuza ukuzi yena uvunyelelwe kanjani ukubuya kuleli ekubeni uLuc Eymael yena avinjelwa ngoba akhuluma amazwi akhomba ukucwasa ngokwebala. ISAFA yathi yona ayinanxa ngokubuyisa kwakhe.

Yize lezi zinto zingafani, kodwa zombili ziyisihlava esibi esibambezela ukuthuthuka kweNingizimu Afrika. Ukudlwengulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane yigciwane elibi ukwedlula iCovid-19 elidlavaza izwe.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *