Liyaqhubeka ishwa lokuzitshwa kwabadlali beSundowns kwawesizwe

Liyaqhubeka ishwa lokuzitshwa kwabadlali beSundowns kwawesizwe
U-Andisiwe Mgcoyi oshaywa ngesithende kwiBanyana Banyana
Sbongs Gumbi

Kubukeka liqhubeka ishwa lokungathandwa abaqeqeshi bamaqembu esizwe kubadlali beMamelodi Sundowns njengoba nakwelabesifazane sekunjalo.

Umqeqeshi weBafana uHugo Broos wathola ukugxekwa okukhulu njengoba ayengabaqoki abadlali beSundowns eqenjini lakhe.

Kuthe noma esekwenza lokho kodwa wabaziba o-Andile Jali noThemba Zwane abebedlala kahle kakhulu ngesizini edlule futhi abalandeli bebakhalela kuleli qembu.

Impempe seyithole ukuthi ngesifanayo nakwiBanyana Banyana la umqeqeshi uDesiree Ellis engayizwa indaba ka-Andisiwe Mgcoyi ongumgadli Sundowns Ladies.

UMgcoyi ungomunye wabagadli abaphambili kwiHollywoodbets Super League njengoba eseshaye ayisishiyagalolunye emidlalweni eyishumi esadlaliwe kule sizini.

Nangesizini edlule ubewashaya sengathi washunqiselwa ngenethi amagoli kodwa nakhona ubezitshwa nje kwiBanyana.

Ebuzwa ngalokhu u-Ellis ngesikhathi ethula iqembu azoyodlala ngalo kwiCaf Africa Women’s Cup of Nations (Awcon) uvele wangena ezintangeni.

Impempe isingakuveza ukuthi lo mqeqeshi ube esebizela le ntatheli ebimhlome umbuzo wokuthi kanti yini okumele ayenze uMgcoyi ukuze abizwe eceleni.

Ube eseyibuza ukuthi kungani ingambizelanga eceleni noma imfonele bese ibiza lo mbuzo ngoba inayo inombolo yakhe.

Impempe seyingakuveza nokuthi lo mqeqeshi akahoshelani noMgcoyi yingakho engafuni nokuyizwa nje indaba yakhe.

“NoJermaine Seoposenwe ubengeke ambize ngoba naye akayizwa indaba yakhe kodwa uphoqwe ukuthi omunye wadlali abaphesheya uveze ukukhathazeka kwakhe ngokungabizwa kwabadlali bebe bekufanele ukuba seqenjini.

FUNDA NALA: IChiefs ivuse abalandeli ibajabulisa ngabadlali abasha

“Umsabise ngokuthi kwayena ngeke eze uma kuwukuthi uSeoposenwe akabiziwe kuleli qembu ngoba akazi kwenzeka kanjani lokho,” kusho le ntatheli ecele singayidaluli igama.

“Kuningi nje abadlali abangeneme ngakho ngo-Ellis futhi uma ubheka izinga leqembu seliyehla manje kanti kwakuwona lo mqhudelwano eliyodlala kuwo angiboni kahle.

“Eyokungena eNdebeni yoMhlaba ke yona angifuni nokuyiphatha ngoba uma isimo sizobe sisenjena uma kuqala imidlalo yokuhlunga, kobonwa ngokusa,” kuchaza lo mthombo.

U-Ellis uliqoke kanje iqembu lakhe azogadla ngalo kwi-Awcon eMorocco ngenyanga ezayo

Onozinti: Andile Dlamini, Kaylin Swart, Regirl Ngobeni

Izitobha: Karabo Dhlamini, Lebohang Malepe, Janine Van Wyk, Bambanani Mbane, Bongeka Gamede, Noko Matlou

Abasesiswini: Refiloe Jane, Nomvula Kgoale, Linda Mothlalo, Thalea Smidt, Kholosa Biyana, Amogelang Motau, Robyn Moodaly, Sibulele Holweni

Abagadli: Jermaine Seoposenwe, Melinda Kgadiete, Noxolo Cesane, Nthabiseng Majiya, Thembi Kgatlana, Hildah Magaia

Okuzovalwa ngabo uma kuvuleka izikhala: Kebotseng Moletsane, Tiisetso Makhubela, Thubelihle Shamase

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.