Liyesinda ijoka iSundowns eyalithwesa iPirates, ingalinqamula kanjani?

Liyesinda ijoka iSundowns eyalithwesa iPirates, izolinqamula kanjani?
UThulani Hlatshwayo, Tshegofatso Mabasa noVincent Pule
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Liyesinda ijoka elithwelwe yi-Orlando Pirates njengoba ivele isindwe yisithunzi sayo uma ibola kuthi shazi ijezi leMamelodi Sundowns kusukela yatheleka ngehlazo eminyakeni emine edlule.

Kwakungu mhla ka-11 kuFebhuwari ka-2017 ngesikhathi iSundowns ibhubhisa iPirates ngo 6-0 emdlalweni weligi.

Namanje kusekhona abacabanga ukuthi amagoli ayesazokwanda ukube abalandeli bePirates abazange bavukwe amadlingozi bangene enkundleni baphazamise.

Phela abalandeli base bekhathele wukubukelela iqembu labo liphendulwa abafanyana beskole lifundiswa ibhola.

Ngaphambi kwalokho iPirates yayiyinika inkinga iSundowns uma kuhlangene lamaqembu. Kodwa kusukela lapho iPirates ivele ibukeke iphambanelwe yizinkomishi uma ibhekene neSundowns.

Kuyacaca ukuthi ijoka eyathweswa lona mhla ihlazwa ngaleya ndlela liyayesinda futhi kuze kube iyaziphindiselela liyohlezi liyidla.

FUNDA NALA: UMosele uthi ufuna ukuqhubeka nokwenza kahle kwiBucs

Ngisho abalandeli bePirates sebeba nokwesaba uma bezobhekana neSundowns uzwe ekukhulumeni kwabo ukuthi uma bengayibamba nje bengadliwa kobe basebenzile ngisho besekhaya.

Kodwa njengoba lezi zinkunzi zizobhekana ngoMgqibelo emdlalweni weDStv Premiership nje e-Orlando Stadium, iBucs ingakwazi ukuyijikela iyishise nomjondolo iSundowns.

Lapha sibheka abadlali abahlanu bePirates abangawenza umehluko futhi basize iPirates iphendule amatafula

  1. Siyabonga Mpontshane – lo nozinti unokungalitholi ithuba lokudlala. Kodwa kulokhu uyena osaqala imidlalo njengoba uRichard Ofori esalimele. Uyena ongakaze alinyazwe yiSundowns ngakho uzobe engenakho ukwesaba kakhulu. Muhle ekuvimbeni amabhola ashaywe umdlali eseduze.
  2. Bandile Shandu – Usemusha kwiPirates futhi ufuna ukuzakhela igama. Engayivimba iminyakazo yeSundowns yokuhlasela ngakwesokunxele la kuxake khona uLyle Lakay.
  3. Goodman Mosele – Indlela ayixova ngayo esiswini yenza kucace ukuthi angamelana noRivaldo Coetzee no-Andile Jali. Angabadida ngokuthi yena usemncane futhi usashesha. Usefomini enhle futhi uyazethemba njengoba namagoli emvumile nje.
  4. Vincent Pule – usefomini enhle futhi uyakudinga ukuziveza emdlalweni omkhulu anti awukho ke ozodlula lona kuye. Uma enganikwa inkululeko esiswini adlale kuNombolo 10 angazixaka izitobha zeSundowns.
  5. Tshegofatso Mabasa – Indlela adlala ngayo abayithandi abeSundowns abadlala emuva ngoba ibaphoqa ukuthi bengakhululeki. Uhlala ela eduze nebhokisi egade amabhola aphunyukile. Ukuzethemba kweSundowns emuva kubuye kuyenze ibe namaphutha.
EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.