‘Lizefekile iphupho lami,’ kusho uHlatshwayo evalelisa kwi-Orlando Pirates

'Lizefekile iphupho lami,' kusho uHlatshwayo evalelisa kwi-Orlando Pirates
UThulani Hlatshwayo osevalelisile kwi-Orlando Pirates
OKaDonga Gumbi

UThulani Hlatshwayo useshiyile kwi-Orlando Pirates. UHlatshwayo uthe lifezekile iphupho lakhe lokudlala kuleli qembu ngesikhathoi esevalelisa esitatimendeni esikhishwe ngoLwesihlanu ekuseni.

UHlatshwayo – owakuveza kaningi ngaphambi kokufika kwiPirates ukuthi yisifiso sakhe ukudlala kuyo ngoba wakhula eyithanda – wemukelwa ngebhande lobukaputeni kuleli qembu. 

Nabalandeli beqembu babekujabulele ukufika kwakhe kwazise wayenerekhodi elihle kwiBidvest Wits nakwiBafana Bafana la ayengukaputeni khona.

Kodwa ukwenza kwakhe amaphutha amabi nadlisela iqembu abuye ashaye namagoli ngakubo kwaqala kwamenzela igazi elibi.

Ugcine eselizwa ngendaba ijezi ikakhulukazi kulandela ukufika kuka-Olisa Ndah waseNigeria ofike wadlala ibhola elihle kuleli qembu.  

“Iphupho lami kwakuwukugqoka ijezi le-Orlando Pirates futhi lifezekile,” kusho uHlatshwayo kulesi sitatimende esishicilelwe yiPirates kwi-website yayo. 

“Ngesikhathi ngifika lapha ngakubeka kwacaca ukuthi ngifuna indebe, futhi sakwazi ukukyithola (eyeMTN8),” kuqhuba yena.

FUNDA NALA: USikhosana uchaza okwamenza wazithola eselele nokheshi ongu-R45 000

“Ngeshwa ke izinto azihambanga ngendlela ebengifisa ngayo ngesizini yesibili futhi yilokho okwenze ngithathe isinqumo sokucela iqembu ukuba lingikhulule.

“Ngibona sengathi kusekuningi engingakuzuza enkundleni. Yilokho engikuxoxe nabaphathi. Sibe nezingxoxo ezinhle futhi kwadingidwa kahle konke. 

“Ngizohlale ngimbonga usihlalo neqembu ngokunginika ithuba lokufeza iphupho lami. Ngizohlezi nginobudlelwano obuhle neqembu ngisho sengiyekile ukudlala.

“Lesi yisahluko sempilo yami esinemizwa ehlukene. Kukhona ukuziqhenya, ubuhlungu nethemba ngekusasa. Kubakandeli, ngicela ukubabonga ngokungeseka kwabo.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.