Lizodlula maduze nje ifu elimnyama elisibekele iChiefs, kusho uFrosler

Lizodlula maduze nje ifu elimnyama elisibekele iChiefs, kusho uFrosler
UReeve Frosler
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ifu elimnyama elsibekele iKaizer Chiefs lizodlula bese iqala ukwenza kahle ithole nemiphumela ezojabulisa abalandeli.

Lena yindlela umdlali wasemuva kuleli qembu laseNaturena uReeve Frosler akakhetha ukubuka ngayo isimo seqembu.

Izinto azihambi kahle kwiChiefs selokhu kuqale isizini njengoba iwini isifana nabakhwekazi nje.

Lokhu sekwengeze nengcindezi eqenjini kwazise kubhekwe ukuthi libuyise isithunzi ngemuva kokubhacaza ngesizini edlule.

UFrosler uthi  akuhlalwe ethembeni lokuthi ifu lizodlula bese ilanga libuye likhanye futhi nenjabulo ibuye.

“Wonke umuntu unomuzwa wethemba eqenjini,” kusho uFrosler kuleli viki. IChiefs inomdlalo ongelula kule mpelasonto.

Izogadulisana naMaZulu FC eKings Park ngoMgqibelo ngo 3.30 ntambama emdlalweni weDStv Premiership.

“Siyafuna ukwenza kangcono, lokho yinto esobala futhi into esikhuluma ngayo kakhulu wukuthi singenz akanjani ukuthi sibe ngcono.

“Sibheka nendlela engasisiza ukuthi sikhulisane sibe ngcono umdlali ngamunye. Okubalulekile wukuthi umuzwa muhle .

FUNDA NALA: ICity ifuna ukuqhubeka nokuqhulula amagoli kwiPirates

“Kunethemba elikhulu lokuthi izinto zizojika siqale sithole imiphumela emihle kuze kuyophela isizini.

“Iseyinde indlela esisalele kule sizini. Kusadlalwe imidlalo emihlanu kuphela kule sizini kanti imidlalo kuo okumele idlalwe ingu-30 isiyonke.

“Kumele sibe nesineke bese siqinisekisa ukuthi siyawalungisa amaphushana amancane esiwenzayo.

“Uma sesenze njalo nginethemba lokuthi izinto zizokhanya bese sikwazi ukuthdlala ngendlela egculisayo,” kuchaza uFrosler.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.