Lizomusa kude ebholeni ikhono lakhe uHuman weMaritzburg

Lizomusa kude ebholeni ikhono lakhe uHuman weMaritzburg
URowan Human
Sihle Ndlovu

Ikhono elikumdlali osemncane weMaritzburg United, uRowan Human, akungabazeki ukuthi lizomusa kude kakhulu kumasizini ambalwa ezayo.

Lo mdlali oneminyaka engu-21 usevele uqalile ukukhombisa ukuthi uzobe ebangwa amaqembu athathwa njengamakhulu kuleli kungekudala.

UHuman udlale kahle kakhulu ngesikhathi iTeam of Choice ishaya iSuperSport United ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesibili.

Ngokubambisana nomgadli, uFriday Samu waseZambia, baqinisekise ukuthi amaphuzu asala eMgungundlovu njengoba bobabili beshaye amagoli.

Bebetholana kamnandi uma beya phambili futhi kucacile ukuthi kuningi abasazokwenza ndawonye. UHuman uqale ukugqama edlala kwiBidvest Wits ngo-2020, kanti ngemuva kwalokho uke wathi qu kwiMaccabi Tel Aviv kwa-Israel
ngesizini ka-2020/2021.

FUNDA NALA: UMulenga uthi Usuthu kumele luvulele induku uma lusekhaya kweyeChampions League

Umqeqeshi weTeam of Choice, u-Ernst Middendorp, obejabule ngokuthola amaphuzu amathathu kulo mdlalo, uphinde wancoma ikhono likaHuman.

“Nakanjani ungumdlali osemncane onekhono futhi sizama ukuthi sakhele iqembu phezu kwakhe ukuya phambili,” kusho uMiddendorp yize ebegcizelela ukuthi akakho mayelana nomdlali oyedwa.

“Kwesinye isikhathi wenza izinto ngendlela ebukeka sengathi uyazithambisa kodwa ungumdlali omuhle.”

Ukuvuthwa kukaHuman akungabazeki ukuthi kuzomenza azithole esebizwa kwiBafana Bafana kungekudala.

Okunye okungase kwenzeke okungekuhle kwiTeam of Choice ukuthi antshontshwe amaqembu aseGoli ngesizini ezayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.