Lophe ngapha nangapha Usuthu lubambana nePirates

Lophe ngapha nangapha Usuthu lubambana nePirates
UCollins Makgaka noKeagan Buchanan
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

AmaZulu FC ne-Orlando Pirates baphinde bahluleka ukuwina ngesikhathi bebambana ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu.

Kulo mdlalo obuseJonnson Kings Park, eThekwini, elinye lala maqembu bekumele liwine ngoba abesedlale imidlalo eminingi ngokulingana.

Usuthu luye kulo mdlalo luphuma ekudlaleni ngokulingana ngo 0-0 neRoyal AM, kanti iBucs ibidlale ngokulingana neBaroka FC ngo 0-0.

Amaqembu aqale afundana ngesiwombe sokuqala lingekho ebelifuna ukwenza iphutha.

Nokho libhobokile ithumba ngomzuzu ka-29 ngesikhathi uDeon Hotto eshaya igoli yahamba phambili ngo 1-0 iBucs.

IPirates ibiwubambe kahle umdlalo ngemuva kwalokhu, kucaca ukuthi izoya ekhefini ihamba phambili ngegoli elilodwa.

Nokho kuvele kwafika ubuthongo kubadlali bayo yadedela igoli elishaywe uTshapang Moremi ngomzuzu ka-45.

Ngesiwombe sesibili iBucs iqale iwuphethe umdlalo.

Ngomzuzu ka-52 uFortune Makaringe udonse intambo yaphuma eceleni kwepali, kwathi ibhola likaKwema Peprah lachithelwa ngaphandle uVeli Motha ngomzuzu ka-53, kwaba yikhona.

Ngasohlangothini lwaMaZulu amathuba amabili elandelana ehlele u-Andre de Jong kodwa wahluleka ukubeka iqembu lakhe phambili.

Ngasemizuzwini yokugcina iqembu ebelibukeka likhathele AmaZulu.

FUNDA NALA: Ifikile i-Arrows enkundleni la izodlala khona neChiefs

Kulo mdlalo kubonakale uThembinkosi Lorch wePirates obekade agcina ukudlala.

Ungene endaweni kaCollins Makgaga ngomzuzu ka-79.

YiBucs ebibukeka ingashaya igoli sekuzophela umdlalo, kucaca ukuthi ayifuni ukuphinde idlale ngokulingana.

Nokho AmaZulu abesevalile emuva ngoba bese kungelula kuwona ukuya phambili ayozama ukuthola igoli lokuwina.

ULorch ugeje igoli ebelingawinisa iBucs ngomzuzu wokugcina ngci kuleyo ebiyengezwe unompempe.

Ukudlala ngokulingana koSuthu neBucs akubasizi kakhulu uma kubhekwa ukuthi bahleli kuphi kwilogi.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.