ULorch useneme ngokuhlala kwiPirates

Lorch usazohlala kwiPirates, kusho imenenja yakhe
UThembinkosi Lorch
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UThembinkosi Lorch usengumdlali we-Orlando Pirates futhi lokho akukezujika. Lokhu kushiwo nguJazzman Mahlakgane oyimenenja kaLorch.

Ukhuluma kanjena nje uMahlakgane sekukuningi ukuqagela okukhona ngalo mdlali wePirates. Kukhona imibiko emmatanisa neMamelodi Sundowns okuthiwa ihalela ize iconse amathe.

Kukhona nabanye abebemkhomba eNaturena kwiKaizer Chiefs. Nokho Impempe engakusho ingananazi wukuthi uLorch uke waxoxa nosihlalo wePirates, u-Irvin Khoza ngokushiya kuleli qembu.

Impempe yathola ukuthi ngalesi sikhathi kwakuneqembu lasseBelgium elalisikaza ukumlanda uLorch. Kuthiwa uKhoza wavuma ukuthi engamdedela kuphela uma eya phesheya futhu nalelo qembu lizokhokha imali ayifunayo.

Kodwa uMahlakgane usekuqinisekisile ukuthi okwamanje akukho la lo mdlali aya khona. Uthi ngamampunge nje le mibiko emhlanganisa neSundowns neChiefs.

“UThembinkosi Lorch useholidini njengamanje, futhi akayi ndawo,” ucashunwe esho kanje ngabeSowetan uMahlakgane.

“Yimi imenenja yakhe, uma kukhona abamfunayo yimi okumele ngazi ngabo kuqala. Futhi ingabe exoxisana nabo ngalokho.

“Njengamanje akukho qembu elifuna uLorch. Usenenkontileka nePirates. Sengibuzwe kaningana ngalokhu muva nje futhi ngihlezi ngikucacisa ukuthi uLorch akayindawo.

“Ngingakuqinisekisa lokho. Uma kukhona okuvelayo, sizonazisa okwamanje lokhu okukhulunywayo ngamapunge nje. UThembinkosi Lorch usajabule kwi-Orlando Pirates futhi usazohlala kuleli qembu,” kusho uMahlakgane.

Imibiko yokuthi uLorch ufuna ukuhamba kwiPirates ivele ngesikhathi engadlali kuleli qembu ngenxa yokulimala. Kwaba nabathi akungoba elimele, kodwa uhlaliswe ngoba nakhu esecele ukuhamba.

Nokho ubuyile ngasekupheleni kwesizini ngemuva kokwelulama. ULorch ungomunye wabadlali abayingozi kwiPirates nokufanele ukuthi umqeqeshi ozothatha indawo kaJosef Zinnbauer uzokwakhela phezu kwakhe.

ULorch, oneminyaka engu-27, ufike kwiPirates ngo-2015 esuka kwiMaluti FET kodwa akazange adlale ngaleso sikhathi. Wabolekiswa ukuze ayoqiniswa ukhakhayi.

Funda nala: UBvuma ubashiye bevuma bethi ‘Yes Baby’

Waqala qabolekiswa kwiCape Town All Stars la afike waliveza khona ikhono lakhe ngaphansi kwesandla sikaDan “Dance” Malesela. Ubuye lapho wafika waphinda waxakeka kwiPirates.

UMalesela wabe esephind ecela ukubolekwa yena njengoba ayesekwiChippa United ngaleso sikhathi. Wafike wadlala elihle ibhola, kwathoi ngesizini elandelayo yamlanda iPirates.

Wabuya esengcono kakhulu futhi wangena eqenjini eliqala imidlalo kwiPirates, wagcina esengezinye zezethenjwa zeqembu. Cishe noSteve Komphela, okunguye okubhekwe ukuba aqashwe yiPirates, ngomunye wabadlali abalela phezu kwabo ukuthi uzodla ngabo.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.