Lubukise ngeCity Usuthu luyibhaxabula ngembudlu 

Abadlali baMaZulu FC bejabulela igoli

OKADONGA GUMBI

Bhasobha Masandawana, wabhayiza siyasidla isicoco. Lona ngumlayezo AmaZulu FC kwiMamelodi Sundowns ngesikhathi ebhaxabula iCape Town City ngo 5-1 emdlalweni weDStv Premiership eCape Town Stadium ngoLwesithathu kusihlwa.

Usuthu selusalele emuva ngephuzu elilodwa kuMasandawana abanjwe yiGolden Arrows ngo 0-0 ngawo uLwesithathu kusihlwa ePitori.

Usuthu luwuqale kahle lo mdlalo luyicindezela iCitizens. Kuthe ngomzuzu wesishiyagalombili, lakhala enethini elokuqala.

U-Augistine Mulenga – obeliphela endlebeni ezitobheni zeCity – uqedele umnyakazo omuhle woSuthu kwaba ngu 1-0.

ICity izamile ukuvuka izithathe kwasho khona ukuthi isipheumula ngenxeba. Bese kuyiphoqa ukuthi ihlasele ngokuqaphela ukwenzela ukuthi ingaphinde isale ivulekile emuva.

Nokho kuthe sekubhekwe ekhefini, Usuthu lwathola iphenathi, uThapelo Xoki wayibeka enethini.

Kusaphele imizuzu emithathu kubuyiwe ekhefini, uLehlohonolo Majoro ushaye elesithathu. Akuphelanga sikhathi esitheni Usuthu lwathola enye iphenathi, kodwa kulokhu wayivimba uPeter Leeuwenburgh.

Ngomzuzu ka-65, Usuthu lubekelwe enye iphenathi, kulokhu yashaywa nguLuvuyo Memela, wayogaxa enethini.

ICity nayo ibekelwe iphenathi ngomzuzu ka-76, kodwa wayishweba uFagrie Lakay. Nokho lo mgadli usheshe walilungisa iphutha lakhe, washaya igoli lokubika ekhaya.

Bese kusele imizuzu emine uphele umdlalo ngesikhathi uSiyethemba Sithebe ethi naye elakhe igama ufuna livele kwawabashaye amagoli.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.