Lugcine lugobile kwiSundowns ishaywa yiChiefs kungazelele muntu

Abadlali beChiefs bejabulela igoli likaDumisani Zuma

OKADONGA GUMBI

Ligcine lophile ikhanda nakwiMamelodi Sundowns iphendulwa yiKaizer Chiefs iminqolo ngokuyishayela ekhaya eLoftus Versfeld emdlweni weDStv Premiership ngeSonto ntambama – kwephuke nerekhodi layo lokungashawa emidlalweni yeligi.

Lo mphumela uzijabulisa namaqembu asembangweni wesicoco seligi njengaMaZulu FC neGolden Arrows ngoba usho ukuthi igebe ezihola ngalo phambili iBrazilians alinyuki, kodwa imidlalo ebiyigodle ekhwapheni iyancipha.

ISundowns iwuqale ngendlela elindelekile kuyo lo mdlalo, ilibeka phansi izame ukuthola izindlela zokugqobhza udonga lwasemuva lweChiefs, nokho beyifica kuqashwe ngelokhozi.

NeChiefs ibingalele nje kodwa beyizama nayo ukufika emapalini kaDenis Onyango okwenzeke izikhawu ezimbalwa kodwa yehluleke ukusebenzisa amathuba ewakhile.

Amakhosi ancishwe iphenathi ngomzuzu ka-12 ngesikhathi ibhola likaReeve Frosler lizishayisa engalweni kaLyle Lakay.

NeSundowns uyizibile unompempe uPhillipTinyani ngomzuzu ka-25 ikhalela iphenathi kulandela ukuthi uDaniel Cardoso ewise uGift Motupa ngaphakathi ebhokisini langakubo.

ULeonardo Castro uthole elihle ithuba lokubeka Amakhosi phambili ngomzuzu ka-30 ngemuva kokunikwa imbuzi nguKhama Billiat ethi hlaba udle.

Umnyakazo wokuqala walo mgadli ube muhle impela elibeka esifibeni, zadideka zambuka izitobha zeSundowns, kodwa wavele wayilahla ekugcineni ngokuthi alibhamuze phezu kwepali ibhola.

Emizuzwini emine ukusuka lapho, iSundowns iphinde yayokhuleka emapalini ka-Itumeleng Khune, uMotupa wakhipha uGaston Sirino wabhekana ngqo nalo nozinti.

Ube esevele emjika nje kalula qede walibeka enethini kungasekho muntu, kwaba wukuqala kokuqansa komsebenzi kwezaseNaturena.

Kuthe sekusele ngaphezudlwala kwemizuzu emibili, uBilliat wapha uLebogang Manyama elihle ibhola ngaphakathi ebhokisini leSundowns, waphenduka wathi udedela ishodi wafika uRivaldo Coetzee walivimba lelo bhola.

Kube wumzamo kaBilliat wokugcina njengoba ebesexhuka kulandela ukushayeka kade emakana noJali phambilini, indawo yakhe yathathwa nguDumisani Zuma.

OkaMsholozi ube nethuba lokukora ngomnyakazo wakhe wokuqala kulo mdlalo ehlangana nebhola ebeligotshwe nguFrosler kodwa washaya into ebheke le eDundee.

Nasesiwombeni sesibili iSundowns iyona ebisaphethe ibhola, futhi ibukeka isizithola kalula izikhala zokungena ebhokisini likaKhune kodwa idlale ngawo amathuba.

Kujike izinto ngomzuzu ka-72 njengoba uFrosler ekhiphe uSamir Nurkovic ngelihle ibhola kwesokudla, wathi uyaligoba lazishayisa kuMosa Lebusa, layokhalakathela enethini.

Kuthe isathuswe yilokho iSundowns, uNjabulo Blom wakhipha iphasi kanokusho ibheke kuZuma obe esebhekana gqo no-Onyango, walidlisa utshani layonamathela enethini kwaba ngu 2-1, sekuhamba phambili Amakhosi.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

 

 

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.