Lugobile kuMaMkhize, iRoyal AM izodlala eyokuhlunga

Lugobile kuMaMkhize, iRoyal AM izodlala eyokuhlunga
Abadlali beRoyal AM noShauwn "MaMkhize" Mkhize
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Lugcine lugobile uphondo kuShauwn “MaMkhize” Mkhize njengoba iRoyal AM kuthiwa isendleleni ebheke eChatsworth Stadium kumanje la iyodlala khona neChippa United emdlalweni wokuhlunga.

Lo mdlalo ungoLwesibili (namuhla) ngo 3 ntambama eThekwini. NgoMsombuluko ntambama uMaMkhize ubebhoka ekhahlela ethi elakhe iqembu ngeke liwudlale lo mdlalo.

Uthe ukuqhubeka kwale midlalo kuwukwedelela umyalelo wenkantolo kwazise unencwadi eyakhishwa uJaji Nyathi ethi imidlalo ayingaqhubeki. Nokho iPremier Soccer League nayo igcizelele ukuthi le ncwadi ayisebenzi njengoba icala lakhe lokuzama ukujika isinqumo esabeka iSekhukhune United njengompetha lachithwa enkantolo.

Akucaci ke nokho ukuthi uphondo lugobile nje yingoba iRoyal AM yenqena ukuthi izokwephucwa amaphuzu uma ingawudlalanga lo mdlalo. Ngokwemithetho yePSL, iqembu elingafikanga enkundleni ukuzodlala liyagingqelwa phakathi kokunye.

UNcobo uwusola kumshushisi wePSL umsindo wamacala: https://bit.ly/3qfpUl4

Ukube iRoyal AM igcine ngokudaza inkani, ibizogingqelwa bese iChippa izicoshele kalula amaphuzu amathathu bese ibasethubeni elihle lokubuyela kwiDStv Premiership.

IChilli Boys ivele iyona ezihola phambili kule ligi encane yamaqembu amathathu. Yaqoqa amaphuzu amathathu ngoMgqibelo ngemuva kokushaya iRichards Bay ngo 2-1 isekhaya eGqeberha.

Isikhulu seRoyal AM, uSinky Mnisi, sitshele Impempe ukuthi naso sizwa ngendaba ukuthi iqembu libheke enkundleni.

“Ngizwa kuthiwa iqembu lisendleleni eya enkundleni. Angazi lutho mina angikho eThekwini, ngiseGoli,” usho kanje uMnisi qede wavala ucingo. UMnisi ubedaze inkani naye ngoMsombuluko wathi abadlali bakhe abalubeki kulo mdlalo.

IPSL yona ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukuthi imidlalo iyaqhubeka futhi akukho cala kulokho. Ithe le ncwadi yeRoyal AM yokumisa imidlalo yaphelelwa umsebenzi ngesikhathi udaba lwayo lukhahlelwa yinkantolo ngoLwesihlanu.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.