Luhlinzelwe ezibini unozinti uSuthu luthola induku kwiSuperSport

Luhlinzelwe ezibini unozinti uSuthu luthola induku kwiSuperSport
UVeli Mothwa
OkaDonga Gumbi

Kube amaphutha amabili enziwe unozinti waMaZulu FC uVeli Mothwa asize iSuperSport United iqoqe amaphuzu gcwele ngoMgqibelo ebusuku.

La maqembu abegiimisana odakeni eLucas Moripe Stadium emdlalweni obungawinwa yinoma yiliphi iqembu phakathi kwalamaqembu

Uma unozinti enze amaphutha anjeya akulula iqembu libuye futhi nakulo mdlalo kugcine kube yiSuperSport ewathola ephelele amaphuzu ngemuva kokuwina ngo 2-0, yagxuma yangena kwiTop 8.

Esiwombeni sokuqala Usuthu beluhamba phambili ngomdlalo futhi kubukeka kuyilo olungalishaya kuqala igoli.

Kodwa kuthe kade ithole ikhona iSuperSport, uMothwa wabamba ibhola qede walidedela, lawela kuJesse Donn wabe eseliqulela enethini.

Nangemuva kwaleli goli Usuthu belisangabuya lithole igoli lokulinganisa. Nokho kuze kwayiwa ekhefini lusalandela ngemuva.

Ekuqaleni kwesiwombe sesibili uBenni McCarthy wenze izinguquko ezama ukujika izinto, efaka uLuvuyo Memela endaweni kaMattar Cessay noKeagan Buchanan kwekaXola Mlambo.

FUNDA NALA: Luphinde lwagoba kwiPirates uphondo kwidabhi yaseSoweto

Lolu shintsho lucishe lwashesha lwasebenza njengoba ukuhlasela kwaMaZulu kuphethe ngokuthi abekelwe iphenathi ngomzuzu ka-51.

LOkhu bekulandela ukuthi uJamie Webber edonse uMakhehleni Mkhaola waze wamqumba phansi ngaphakathi ebhokisini langakubo.

Kuphakame uBongi Ntuli ukushaya le phenathi kodwa wadlala ngayo njengoba evele washaya into engacacile, wayivimba uRonwen Williams.

Kuthe kusabhekwe lokho nokuthi luzobuya kanjani Usuthu, waphinda uMothwa waphisana ngebhola ezama ukulisusa.

Ube eselilandela ezama ukuyomaka kodwa uRodney Rainers wamphambanisa nalo kwaba ngu 2-0. Kube sekucaca ukuthi sekoba nzima kuMaZulu ukuthi athole okuthile kulo mdlalo.

Ekupheleni komdlalo uThapelo Xoki ukhishwe ngekhasi elibomvu ngemuva kokuthola ikhadi eliphuzi lesibili.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.