Luphinde lwabhajwa Usuthu lubanjwa yiSuperSport ekhaya

Luphinde lwabhajwa Usuthu lubanjwa yiSuperSport ekhaya
USiphelele Mthembu noRonwen Williams
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Aphinde asala enxapha wodwa AmaZulu ngemuva kokuhluleka wukuthola iwini ebambana neSuperSport United ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili.

AmaZulu awakawini kule sizini okulindeleke lukhulu kuyo kuwo kulandela ukwenza kahle ngedlule.

Usuthu, okuyilo obelusekhaya kulo mdlalo, kuqale kangcono futhi bkubukeka kukhona oluzokwenza.

Nokho beluhluleka ukwakha amathuba acacile okushaya amagoli uma selusondela emapalini eSuperSport.

Amathuba abekhona wona kodwa embalwa. Nokho uSiphelele Mthembu bekumele enze kangcono ngomzuzu ka-19 ephiwa imbuzi kuthiwa akahlabe edle.

Lo mgadli uthole ibhola eliphunyuke esitobheni seSuperSport ephakathi ebhokisini. Ube esezama ukwenza into angayazi ethi ujika unozinti.

Uvele washelelela wawa, walidlala ngesandla kwaba wukulahleka kwethuba elihle lokubeka Usuthu endaweni engcono.

UThabo Qalinge nguye ocishe wabeka AmaZulu phambili ngomzuzu ka-26 ngesikhathi ededela ishodi engaphakathi ebhokizini lezitha.

Nokho uRonwen Williams wenqabile, wagxuma walifica lelo bhola qede waliphebezela phezu kwepali.

ISuperSport beyizama nayo kodwa bekucaca ukuthi iyasindeka njengoba umdlalo bewuvuna iqembu lasekhaya. 

Ukuqala kwesiwombe sesibili kuke kwabambezeleka ngenxa yenkinga nezibani kule nkundla yaseThekwini engenye yezisezingeni eliphezulu.

ISuperSport beyisidlala kangcono esiwombeni sesibili kodwa nayo yehluleka wukusebenzisa amathuba.

Kuke kwaba nokuhgilizisana phakathi kwabaqeqeshi bala maqembu uBenni McCaarthy waMaZulu ebatshela ezikabhoqo abeSuperSport.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.