Luphinde lwagoba kwiPirates uphondo kwidabhi yaseSoweto

Luphinde lwagoba kwiPirates uphondo kwidabhi yaseSoweto
U-Olisa Ndah noKhama Billiat
OkaDonga Gumbi

IKaizer Chiefs ikhombise ubungozi bayo uma ibhekene nengcindezi ngesikhathi ishaya i-OrlandoPirates emdlalweni weDStv Premiership, ngoMgqibelo ntambama.

Lo mdlalo wedabhi yaseSoweto bewuse-Orlando Stadium, kanti uphazanyiswe yimvula ebilokhu iyishaya ibuye kube ngathi iyayeka kodwa ibuye.

IPirates iwuqale kahle umdlalo icindezela kodwa ingakwazi ukudlula odongeni lwasemuva lweChiefs.

Amakhosi wona abeyincenga kancane ezama ukungena emdlalweni ngesikhathi eqinisekisa ukuthi izitha zayo azilishayi kuqala igoli.

Ubungozi beChiefs bebubonakala uma inyuka ihlasela. Eminye wale minyakazo yokuhlasela ngokuzuma ugcine ube nezithelo ezinhle.

Bengumzuzu ka-18 ngesikhathi ibhola elide leChiefs lifica uKhama Billiat kwesokudla. Ube eselibuyisela kuBernard Parker.

Le nsephe engumakadebona ayibanga namona yalibeka phambi kukaReeve Frosler, obe esededela intululwane athe uyayichitha uSiyabonga Mpontshane lamhlula, lakhala enethini.

IChiefs iliphindile igoli lesibili ngomzuzu ka-25, ibhola elide lifica uKeagan Dolly obe esebhekana noMpontshane walibeka enethini.

Nokho kuthiwe ulishaye esesendaweni engamfanele leli goli, yize uma seliphindwa kwithelevishini kubukeke exhophekile umsizi kanompempe.

Ngomzuzu ka-39 nePirates ilibekile enethini ngesikhathi uKwame Peprah eyekwa ezingqofela eyedwa ibhola kodwa kwasho ubesevele esendaweni engamfanele.

Kuthe sekuzoyiwa ekhefini, iChiefs yaphoqeleka ukukhipha uKhama Billiat, obeselimele. Kungene uKearyn Baccus endaweni yakhe.

Ekuqaleni kwesiwombe sesibili itomule uLebogang Manyama obengekho efomini yalo mdlalo, yafaka uLeonardo Castro.

NePirates ikhiphe uBen Motshwari yafaka uNtuthuko Mabaso endaweni yakhe njengoba naye lo mdlali obengabonakali esiwombeni sokuqala.

IChiefs iyona ebisilibona kangcono ibhola ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili. Kodwa lokhu kuyenze yabe seyikhohlwa wukukhiya emuva.

FUNDA NALA: UMunetsi ubalisa ngendlala ezogadla kubadlali eZImbabwe ngenxa yokudingiswa

Umnyakazo wokuzuma wePirates uphele ngegoli lokulinganisa elishaywe uPeprah, obelokhu eliphela endlebeni kwabeChiefs.

iChiefs iphinde yaphoqeka ukwenza olunye ushintsho kulandela ukuthi uCastro edonseke umsipha wethanga ngemuva ngomzuzu ka-60. Kungene uKgaugelo Sekgota.

Kuthe sekusele isikhathi esingaphansi kwemizuzu eyishumi, futhi sekubukeka lo mdlalo uzophela zibambene, u-Erick Mathoho walishaya elokuwina.

Bekuyikhona egotshwe uDolly ibhola lafica uMathoho emakwe abadlali ababili bePirates kodwa bambuka nje elingqofa laphambana naye uMpontshane, naye obezozama ukulichitha.

Le wini ithathe iChiefs yayibuyisela endaweni yesibili njengoba isinamaphuzu angu-35 ngemuva kwemidlalo engu-19.

IPirates isasele endaweni yesine kanti amathuba ayo okuthi ingaqeda ezindaweni zokuyodlala kwiCaf Champions League asenciphe kakhulu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *