Luphinde lwagoba kwiSwallows iwashiswa ijezi yiRoyal AM

Luphinde lwagoba kwiSwallows iwashiswa ijezi yiRoyal AM
UKabelo Mahlasela
OkaDonga Gumbi

IRoyal AM iyiphinde ngenduku futhi iSwallows FC kulokhu iyishayela ekhaya eDobsonvillengo 1-0, iyiwashisa ijezi kwiNedbank Cup ngoLwesihlanu kusihlwa.

Ukuwina kweRoyal AM sekuyenze elinye lamaqembu asebhekwe ukuthi engagcina esidlile isicoco seKe Yona kulo nyaka njengoba sezibheke entanjeni nje kulo mqhudelwano.

ISwallows yiyo ebihlasela kangconywana esiwombeni sokuqala, izama ukugqobhoza udonga lwasemuva lweRoyal AM kodwa yehluleke.

Nasesiwombeni sesibili iqhubekile nokuzama. Kuthe sisanda kuqala isiwombe yabekelwa iphenathi.

Nokho ukaputenu uLebogang “Cheese” Mokoena wadlala ngayo, eshaya ibhola eliphuphile avele walibamba ngqi uPatrick Nyame.

NeRoyal AM beyiwathola awayo amathuba kodwa nayo beyingakhombisi ukuba bukhali phambili.

EzikaMaMkhize zibe sezenza izingququko zagcina zihlasela ngabane okungoNdumiso Mabena, Victor Letsoalo, Mxolisi Macuphu noKabelo Mahlasela.

FUNDA NALA: UNgwenya yingwenywa endala kwezokusubatha

Kube uMahlasela oshaya igoli ngemuva komnyakazo wabo omuhle wokuhlasela sekusele imizuzu engu-11 umdlalo uphele.

Leli goli yilo eliqede ngohambo lweSwallows obese kuyiyo yodwa kwawaseSoweto ebisele kwiNedbank Cup.

Nokho ayizukhala kakhulu ngalokhu kuwashiswa kwayo ijezi kulo mqhudelwano kwazise vele kumele igxile emidlalweni yeDStv Premiership la ilengele khona ezembeni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.