Luqede ishobolo lokungawini ekhaya Usuthu lushaya iStellies

Umgadli waMaZulu FC, uBongi Ntuli nozakwabo bejabulela igoli lakhe

OKADONGA GUMBI

AmaZulu (1) 2
Stellenbosch (1) 1

Kudingeke zisebenze ngokuzikhandla okuphindiwe izitobha nonozinti baMaZulu FC ngesiwombe sesibili bephunga iStellenbosch ebese sikhempe engxenyeni yoSuthu ukuqinisekisa ukuthi iqembu liphuma namaphuzu amathathu emdlalweni weDStv Premiership obuseKings Park ngoLwesihlanu ntambama.

Imizamo yabo ithele izithelo ezinhle njengoba begcine bekwazile ukusivimba iStellies ebesihlasela siphindelela. Usuthu yilo obeludlala kahle ngesiwombe sokuqala, futhi bekumele luye ekhefini selushaye amagoli amathathu okungenani. Bekungokokuqala kule sizini AmaZulu ewina esekhaya njengoma amawini amathathu abebenawo ngaphambi kwale yangoLwesihlanu bewathole ekuhambeni.

Kwale kancane AmaZulu ahambe phambili ngomzuzu ka-17, uLehlohonolo Majoro esuka phambili elanda ibhola esiswini, wahijima nalo waze wayongena ebhokisini leStellies, wabe eseligoba efuna uBongi Ntuli.

Nokho ibhola alifikanga kuNtuli, livinjwa nguRobyn Johhanes ngedolo engazi wenzani ngenhlanhla yakhe lafike lazishayisa epalini wabe esekwazi ukuphuthuma ayolinqaka uLee Langeveldt.

Usuthu, obekuyilo oluphethe umdlalo oXola Mlambo noMakhehleni Makhaola bezenzela esiswini, luzithole selulandela ngemuva ngomzuzu ka-27, u-Augustine Dimgba egoba elihle ibhola elithole uMarc Van Heerden eyedwa ngakwesokunxele, walibeka enethini.

Usuthu lubuye sekusele imizuzu emine kuyiwe ekhefini ngegoli elishaywe nguBongi Ntuli. Bese kungokwesibili eshaya igoli imidlalo ilandelana uNtuli osanda kubuya eqenjini ngemuva kokwelulama ekulimaleni.

Zithe zibuya nje ekhefini, uLehlohonolo Majoro wanqamula nebhola waze wayofika emapalini eStellies, wakhahlela, uLangeveldt walivimba Ibhola kodwa labuyela kuye lomgadli oneminyaka engu-34, akangabe esalenza iphutha esenikwe ithuba lesibili walikhipha phakathi kwemilenze kanozinti, lakhala enethini.

Ngemuva kwalokho zibuye ngamandla ezikaSteve Barker, zilifuna la igoli futhi kusale kancane – noma sithi kushode inhlanhla – azangalithola yize ziqhubekile nokucindezela, futhi bese kudlalelwa ngasemapalini oSuthu isikhathi esiningi ngesiwombe sesibili.

Leave a Reply

Your email address will not be published.