Luqhubekile usizi kwiSundowns iphinda ilahla amaphuzu ekhaya

UMosa Lebusa noMichael Gumede

SIHLE NDLOVU

Iqhubekile nokuwantshinga esikhotheni amaphuzu iMamelodi Sundowns ngesikhathi ibambana ngo 0-0 neLamontville Golden Arrows emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu.

AmaBrazilians abeze kulo mdlalo kusanda kuphuka irekhodi lawo lokungashaywa emidlalweni yeligi kulandela ukuqunjwa phansi yiKaizer Chiefs ngo 2-1 ngeSonto.

Ukudlala ngokulingana kweSundowns kwenze igebe phakathi kwayo naMaZulu laba yiphuzu elilodwa vo. Nokho amaBrazilians asalele emuva ngemidlalo emibili.

Emidlalweni emine edlule iSundowns ishaye igoli elilodwa kuphela kanti awukho umdlalo ewuwinile. Idlale ngokulingana kwemithathu yase ishaywa kowodwa.

ISundowns ibidinga amaphuzu amathathu ukuze ibe yiqembu lokuqala elihlanganise amaphuzu angu-50 kule sizini.

Lokhu bekuzosho ukuthi isishoda ngamaphuzu ambalwa ukuze iqukule isicoco seligi okwesine kulandelana. Nokho ihluleke yancama ukwenza lokho.

Njengasemihleni amaBrazilians iwona abephaselana kahle ibhola ngesiwombe sokuqala.

Nokho abengafiki ezintini ze-Arrows ukuyobuza ukuthi ukhona yini unozinti noma kubekwe ibhantshi nje.

Ngomzuzu ka-30 uRivaldo Coetzee ucishe walihlohla ngasekhaya ngemuva kokuthi uPule Mmodi edonse ishodi ephakathi ebhokisini.

Ithuba elingcono kunawo wonke lehlele iSundowns ngomzuzu ka-41 kodwa uLebohang Maboe walikhahlela laphuma phezu kwepali esebhokisini.

Okugqamile ukuthi womabili amaqembu abethanda ukuqinisa unyawo, ikakhulukazi abadlali abayibamba esiswini.

UKnox Mutizwa bekumele akhahlele into esile ngomzuzu ka-43 kodwa wadonsa isithuphuluzwana afike wasicosha uDenis Onyango, eseme ngezinyawo umqeqeshi uMandla Ncikazi.

Kucacile nokho ukuthi iSundowns ibingebukhali kahle phambili njengoba bebengekho oPeter Shalulile noGaston Sirino.

Isiwombe sesibili siqale ngokuthi u-Onyango avimbe ibhola elibi esebhekene noMmodi ngomzuzu ka-47.

UThemba Zwane ukhahlele ekude ngomzuzu ka-57 unozinti waBafana Bes’thende uSifiso Mlungwana walibamba lathula.

Bebona abaqeqeshi beDowns ukuthi aliqhamuki goli bafake uGift Motupa endaweni ka-Andile Jali ngomzuzu ka-59.

Nangemuva kwalokho alibanga khona igoli yize iSundowns ibisihlasela kangcono. Akhona amathuba atholwe amaqembu womabili umdlalo sewuya ngasemaphethelweni kodwa umdlalo wagcina uphele ngo 0-0.

Akungabazeki ukuthi lokhu kuzokwenza bathi ukwethuka abaqeqeshi abathathu beSundowns uSteve Komphela, Rulani Manzini noManqoba Mngqithi. ISundowns inomdlalo onzima ngeSonto njengoba izobhekana ne-Orlando Pirates.

Nakwi-Arrows kuzothanda ukuqansa ngempelasonto njengoba izogadulisana noSuthu.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.