Luxhopheke ekugcineni Usuthu lukhishwa iCity kwiMTN8

Luxhopheke ekugcineni Usuthu lukhishwa iCity kwiMTN8
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Aguqe kabuhlungu AmaZulu FC ewashiswa ijezi kwiMTN8 yiCape Town City ewashaye ngo 2-1 emdlalweni obuseMoses Mabhida Stadium ngeSonto kusihlwa.

ICity iwuqale kangcono umdlalo kuyiyo eyihlanganisa kangcono iminyakazo yokuhlasela. Nokho ibingawakhi ngendlela eyiyo amathuba.

Igoli lokuqala liqhamuke ngomzuzu wesishiyagalombili futhi libe wubuchule bomdlali oyedwa.

UTerrence Mashego uvele wavukwa amadlingozi wanqamula phakathi kwezitobha zoSuthu waze wayongena ebhokisini qede wadedela ishodi, lakhala enethini.

Ngemuva kwalokho umdlalo ube ugingqigongqo nje lingekho iqembu eliwulawulayo futhi namathuba okushaya amagoli abeyivela kancane.

Usuthu lubuye selungcono ekhefini futhi lusheshe lwabuyela emdlalweni uLehlohonolo Majoro eshaya elihle igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-53.

Uqhubekile ugingqigongqo futhi sekungaMaZulu abukeka ehlasela kakhulu kungathi azogcina elitholile elesibili igoli.

FUNDA NALA: IRoyal AM isifuna uRuud Krol owadla izicoco nePirates

Kodwa kuthe sekubalwa imizuzu uphele umdlalo, iCity yaqala yanyusa abadlali ukuthi bayohlwaya phambili futhi lokhu kube nezithelo ezinhle.

UMdantsane ushaye elihle igoli ngomzuzu ka-88 ngemuva kokuphakelwa ibhola uThami Mkhize omake umdlali wamaZUlu obethi uyamjika.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.