Luzodingidwa yisigungu sePSL elenkulo kaSukazi

Luzodingidwa yisigungu sePSL elenkulo kaSukazi
UTim Sukazi
Intatheli yeMpempe

Udaba lokuphawula kukaTim Sukazi weTS Galaxy ngokuphathwa kwePSL kungase kubhungwe yisigungu esiphezulu sale nhlangano ngoMsombuluko.

USukazi wasola ukuthi le nhlangani ephethe bhola elikhokhelayo kuleli iphethwe ngendlela engafanele nenokwenzelela emaqenjini athile.

Wasola ukuthi isikhulu esiphezulu kwiPSL uMato Madlala ungusihlalo weqembu elidlala kuyo le nhlangano iGolden Arrows.

Wathi yingakho itotoswa nje i-Arrows njengoba ingahlawuliswanga ngemuva kokutholwa inecala lokudlalisa umdlalo ongabhaliswanga ngendlela efanele.

Impempe seyithole ngomthombo wayo ukuthi lolu daba lungase lube sezithebeni emhlanganweni wesigungu esiphezulu sale nhlangano.

“Inkulumo yakhe yasehlisa isithunzi sePSL ngakho ayikwazi ukuziba lokho. Ngize engathi luzobhungwa udaba lwakhe.

“Uma lungenile ezithebeni, cishe kuyonqunywa ukuthi abizelwe ekomidini eliqondisa izigwegwe azochaza ngoba le nkulumo yakhe ingabaqhatha nabaxhasi,” kusho umthombo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.