Mabi amacala abhekene noPhungwayo owayedlala kwiPSL

Mabi amacala abhekene noPhungwayo owayedlala kwiPSL
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Achazwe njengamabi amacala abhekene noPatrick Phungwayo, obedlala ibhola ezingeni lePSL, ngesikhathi encishwa ibheyili.

Lo mdlali owake wagijima kwi-Orlando Pirates neFree State Stars uboshwe ngoLwesibili ntambama.

Bekulandela ukuthi imoto abehamba ngayo imiswe amaphoyisa afica ukuthi uhlomile futhi nemoto beyisanda kudunwa.

Uvele enkantolo yemantshi yaseGoli ngoLwesine ntambama la amacala akhe ahlehliselwe uNovemba 22.

Ubanjwe nomngani wakhe uDavid Sekgobela – naye elakhe lihlehliselwe uNovemba 22 ukuze athole ummeli.

UPhungwayo, oneminyaka engu-33, useneminyaka emibili nje kuphela egcinile ukudlala ezingeni elikhokhelayo.

Ukuboshwa kwakhe kususe izimpikiswano ngokuhluleka kwabadlali bakuleli ukubekelela ikusasa uma besadlala behola kahle.

Ngonyaka odlule uPhungwayo uveze ukuthi wemukele ubizo lobungoma athi sesiside isikhathi eluziba.

FUNDA NALA: ISafa inengwe yisenze seGhana FA ngolwesikhalazo

Nokho akucaci ukuthi useyisona yini njengoba esebanjwa nezimoto nezimpahla zokwebiwa nezibhamu ezingekho emthethweni.

Naphambili wake wasolwa ngecala lesibhamu ngesikhathi esadlala kwiPirates.

Wayesolwa ngokukhomba umngani wakhe ngesibhamu emsola ngokuthi ushele umzala wakhe naye ayethi usazomshela.

Nokho leli cala lagcina lihoxisiwe kulandela ukuthi umngani ecele ukulisula.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.