Mahlanu kuphela kwiDStv Premiership angabaxoshanga abaqeqeshi

UBenni McCarthy
Sihle Ndlovu

Amaqembu eDStv Premiership amaningi ahluleke ancama ukubambelela kubaqeqeshi aqale nabo isizini ka-2021/2022 eseyiya ngasemaphethelweni.

Empeleni mahlanu kuphela amaqembu azoqeda isizini esenabaqeqeshi abebekhona kusalungiselelwa ukuqala kwayo.

Kula maqembu amahlanu kukhona iMamelodi Sundowns, engompetha beMTN 8 neDStv Premiership. Izinto zisayihambela kahle iDowns njengoba besayibambile oRulani Mookwena, Manqoba Mngqithi noSteve Komphela.

Elinye iqembu elibe nesizini enhle yiRoyal AM yaKwaZulu-Natal, enethuba lokudlala imidlalo yeCAF okokuqala emlandweni wayo. Kuhamba kahle kakhulu kuleli qembu elicijwa uJohn Maduka.

ICape Town City nayo ibambelele ku-Eric Tinkler futhi kubukeka esazoqhubeka nangesizini ezayo. Leli qembu laseKapa alenzi kabi emidlalweni yeligi.

USteve Barker uyena umqeqeshi osehlale isikhathi eside kunabo bonke eqenjini njengoba esaqhubeka nokuhola iStellenbosch FC. IStellies isanda kushaya iKaizer Chiefs ngo 1-0 nokuyenze ukuthi iqinise indawo yayo kwiTop 8.

Iqembu lokugcina ilisakwaze ukubambelela kumqeqeshi eliqale naye isizini, yiMaritzburg United, eqeqeshwa u-Ernst Middendorp. Leli qembu kuke kwangalihambela kahle kodwa kubukeka lizolivika izembe.

Amanye amaqembu afana neChiefs (ehlukane noStuart Baxter), AmaZulu FC (axoshe uBenni McCarthy) ne-Orlando Pirates (eshiywe uJozef Zinnbauer), awazange abe nesizini enhle.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.