UMaMkhize ubajikise sebegqokile abadlali beRoyal AM

UMaMkhize ubajikise sebegqokile abadlali beRoyal AM
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ubajikise sebefikile eChatsworth Stadium, bagqoka abadlali beRoyal AM umphathi weqembu, uShauwn “MaMkhize” Mkhize. IRoyal AM igcine ingangenanga enkundleni lapho bekumele ibhekane khona neChippa United
emdlalweni wesibili wokuhlunga iqembu elizodlala kwiDStv Premiership.

Lo mdlalo bekumele ube kule nkundla yaseThekwini ngoLwesibili ntambama. Kuthiwa kuqale kwafika ibhasi linabadlali. Abazange nokho baye ezindlini zokushintshela kodwa bagqokele ngaphansi kwesihlahla eduze nebhasi labo.

Kodwa kuthe besazilungiselela kanjalo, kwafika ujenga lwezimoto zabaphathi beqembu, liholwa ngu-Andile Mpisane nonina uMaMkhize. Kuthiwa batshele abadlali ukuthi mabangene ebhasini, qede kwathiwa umshayeli akayishaye izule kuhanjwe.

Nezimoto zabaphathi zibe sezilandela lona ibhasi. Kuthe sekushaya isikhathi sokuqala komdlalo ngo-3 ntambama unompempe uThando Ndzandzeka
ungenile enkundleni elandelwa abadlali beChilli Boys. Kwenziwe konke okumele kwenzeke uma kuqala
umdlalo, uNdzandzeka washaya impempe yakhe kabili wase uphela umdlalo.
Uma kwenzeka kanje kusuke kuchaza ukuthi iqembu ligingqelwe nokusuke kusho ukuthi iqembu
ebelikhona enkundleni yilona elizothola amaphuzu amathathu.

Uma kuzohamba kanjalo kusho ukuthi iChippa isinamaphuzu ayisithupha njengoba ishaye iRichards Bay FC ngo 2-1 ngempelasonto. Akusacaci ukuthi kwenzekani manje kodwa ngoMsombuluko uShauwn “MaMkhize” Mkhize ubevele
ethembisile ukuthi ngeke iqembu lakhe lilubhade enkundleni.

UMaMkhize ukholwa wukuthi iqembu  lakhe kumele ngabe likhuphukele kwiDStv Premiership ngokuqeda esicongweni, hhayi iSekhukhune United njengoba kugcine kunqume umehluleli ozimele nenkantolo yaseGoli.

IRoyal AM ivele isilidulisele eSupreme Court of Appeal leli cala futhi sekuke kwavela ukuthi uma bengabutholi
ubulungiswa ababufunayo bazimisele ngokuluqhuba udaba. NgoLwesine iRoyal AM kumele idlale
neRichards Bay emdlalweni wokuhlunga kodwa uma kubhekwa indlela izinto ezenzeke ngayo
ngoLwesibili, akubukeki uzoba khona lowo mdlalo.

Lesi sisjingi esibondwa emidlalweni yokuhlunga akwaziwa ukuthi sizophetha kanjani. Nokho kumele
kungafihlwa ukuthi iPremier Soccer League (PSL) ivele isihlazekile ngenxa yaleli cala. Mhlawumbe
kuzohlaluka kahle ukuthi iyaphi le mpicabadala uma inkantolo seyikhiphe isinqumo sayo kuleli sonto.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.