Manenzhe: Ukuziphatha kusiza noma sewuwajibe emgibeni amakhokho

Manenzhe: Ukuziphatha kahle kusiza noma sewuwajibe emgibeni amakhokho
UPhumudzo Manenzhe
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Into eshaya abadlali bebhola abanekhono abaningi baseNingizimu Afrika ukuthi uma sebenemali bangena shi otshwaleni nasezidakamizweni.

Kaningi kukhulunywa ngokuthi iSouth Afrcan Football Association (Safa) ngokubambisana nePremier Soccer League (PSL) kumele bazame indlela yokululeka abadlali ngodumo oluza nokudlala ibhola kanjalo nokuba nemali eningi.

UPhumudzo Mananzhe, owake wadlalela i-Orlando Pirates, nongomunye wabadlali abangakaze badume ngokungaziphathi kahle ngaphandle kwenkundla, ugcizelela ukuthi ukuzihlonipha njengomdlali kwenza zikhanye izindlela zakho noma ungasalidlali ibhola.

“Ngicabanga ukuthi kubadlali abasadlala njengamanje, kubalulekile ukuthi uziphatha kanjani enkundleni nangaphandle kwayo. Lokhu kwenza ukuthi uzakhele igama elihloniphekile elizokusebenzela ngemuva kokudlala ibhola.

“Ngiyajabula ukuthi ngomusa kaNkulunkulu ngikwaze ukuphila le mpilo engiyiphilile,” kusho uManenhze oyinxusa leCarling Black Label Cup kulo nyaka.

Akukho ukungabaza ukuthi liyinqwaba ikhono eNingizimu Afrika uma kukhulunywa ngonobhutshuzwayo. Kodwa sekuhlaluke kaningi ukuthi abanye babadlali abanekhono bagcina bengafinyelelanga endaweni okusuke belindelwe bafike kuyona ngenxa yabangani, uphuzo oludakayo nezidakamizwa.

Lokhu kugcina kumoshe namaqembu esizwe ngoba ikhono okusuke kubhekwe ukuthi uMzansi ubulale ngalo izizwe, liphelela endleleni. Inkinga enkulu ngalokhu ukuthi kuze kube yimanje akunqandeki kulabo abakhetha le ndlela ngemuva kodumo lokudlala ibhola.

Kubadlali abaliphuza ikusasa labo ebholeni kukhona uJabu Mahlangu owayedume ngelikaPule, owayaziwa ngekhono lakhe esadlalela iKaizer Chiefs. UMahlangu ungomunye walabo ababa nenhlanhla ukuthi impilo yabo ibuyele esimeni kodwa yena wamosha kakhulu. Okuhle ngaye ukuthi uyazama ukukhuza abadlali abasakhula ngotshwala nezidakamizwa.

ULovers Mohlala, owayedlalela iMamelodi Sundowns, naye wayedume ngokugruva uma engadlali ibhola. UMohlala naye ungumuntu okhuluma akhululeke ngephutha alenza lokunaka abangani nokuphuza kuze kweqe.

Bambalwa abalangalazi ikhono likaMasibusane Zongo oliphuze ikusasa lakhe, walicangcatha, walibeka othulini laphela nya. Maningi amaqembu azama ukusebenzisana nalo mdlali odume ngezitayela kodwa ehluleka ancama. Kwahluleka ngisho uJomo Sono ezama ukuqoqa uZongo.

FUNDA NALA: Isisheshe yababamba ngezinkontileka abadlali abayizethenjwa iSundowns

ULerato Chabangu, owayedlalela iSundowns neMoroka Swallows naye waqinisekisa ukuthi ikhono ayenalo uliphuzisa okwengudu ebandayo, kwaphela nya ngaye singakashayi isikhathi.

Ngeke asale uJunior Khanye, owayedlale iChiefs kulaba, ngoba naye waligxoba waliqeda ikusasa lakhe ebholeni ngenxa yokuthanda utshwala. USteve Lekoelea, owayegijima kwi-Orlando Pirates, naye wayengahlukile kakhulu kulaba, futhi wayengumngani omkhulu kaMahlangu (Pule).

Kubuhlungu ukubona ukuthi le nto iyaqhubeka njengoba impempe.com isanda kubhala ukuthi uDeolin Mekoa, owayedlalela iMaritzburg United, udicilelwe phansi utshwala waze wazithola esedlalela iBizana Pondo Chiefs. Leli qembu lase-Eastern Cape lisanda kudliwa yizembe kwiGladAfrica, layositha kwalasha kwi-ABC Motsepe League.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *