UManyama uyabuya, uBilliat noZuma kusangabazeka ngabo kwiChiefs

UManyama uyabuya, uBilliat noZuma kusangabazeka ngabo kwiChiefs
U-Arthur Zwane nabadlali bakhe oKHama Billiat noLebogang Manyama
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Facebook

Uyabuya uLebogang Manyama kwiKaizer Chiefs njengoba izobhekana neWydad Athletic yaseMorocco emlenezeni wesibili emdlalweni owandulela owamanqamu kwiCAF Champions League.

Lo mdlalo uzoba seFNB Stadium ngoMgibelo ngo 6 kusihlwa. IChiefs isebuhleni njengoba iwine ngo 1-0 emlenzeni wokuqala le eCasablanca. Seyidinga ukuphinde iwine noma idlale ngokulingana ukuze ingene kowamanqamu.

UManyama wayebuka ehlezi ekhaya njengoba wayeshiywe ngemuva kwazise ubesazama ukwelulama ekulimaleni edolweni. Kodwa umqeqeshi, u-Arthur Zwane usekuqinisekisile ukuthi uzobe ekhona ngoMgqibelo.

Akucaci ke nokho noma uzoqaliswa yini umdlalo noma iChiefs izoqhubeka ngeqhinga layo lokuhlukumeza iWydad ngokupaka isitimela emuva. Kungenzeka baqhubeke naleli qhinga, bese besasazela ngoManyama esiwombeni sesibili.

Kodwa kungenzeka nokuthi bamgaje ekuqaleni komdlalo kwazise wakhombisa ukuhlangana kahle noSamir Nurkovic noLeonardo Castro ngesikhathi beshaya iSimba SC neGolden Arrows.

Njengoba uManyama yena sekuqinisekisiwe ukuthi uzobe ekhona, akukacaci ngozakwabo oKhama Billiat noDumisani Zuma nabo abebengayanga eMorocco ngenxa yokulimala.

Funda nala: UNdlanya uthi basuke bebatshelwa yiqiniso abasola uKhanye ngakusho ngeChiefs

Impempe ithole ukuthi uBilliat kungenzeka abe khona noma ezoqala ebhentshini kwazise usengcono kakhulu. Kuthiwa uzohlolwa ngoLwesihlanu ukubheka ukuthi angakwazi yini ukungena eqenjini elizoya emdlalweni ngoLwesihlanu.

UZuma yena kuthiwa mancane amathuba okuthi angabe esekulungele ukudlala ngale mpelasonto. Nokho bobabili laba noma bengangaba khona kulokhu, kodwa cishe bayobe sebeyimiqemane uma sekudlalwa owamanqamu uma igcine iphumelele ngoMgqibelo.

EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.