Iyabaxhila abaphathi bakaMargeman eyokweqiwa yijezi kwiSundowns

Magerman eyokweqiwa yijezi kwiSundowns
UGrant Margeman
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Abaphathi bakaGrant Margeman bathi bazoxhumana neMamelodi Sundowns ukuxoxa ngokweqiwa yijezi kwalo mdlali osemncane kodwa obukeka enekusasa eliqhakazile.

UMargeman ngomunye wabadlali abasayinwe yiSundowns ekuqaleni kwesizini edlule kodwa kube nzima kuye ukuthola ijezi. Udlale kabili nje kuphela isizini yonke, futhi nakhona ubengena esuka ebhensthini.

Yikho lokhu okwenza abaphathi bakaMargeman babone kufanele baxoxisane neSundowns ukuthola indlela engenza lo mdlali angaze aphuphele ebhentshini kuleli qembu laseChloorkop.

Ngaphambi kokuya kwiSundowns, uMagerman ubengomunye wabadlali abancane ababonakala beza kahle ebholeni lakuleli njengoba ebeyinsika yeqembu lesizwe kusukela kwelabafana abaneminyaka engaphansi kuka-17 kuya ku-23.

Kodwa kusukela eshiye kwi-Ajax Cape Town, uselahlekelwe nayindawo yakhe eqenjini lika-Under 23 eliya kuma-Olympics eJapan ngenyanga ezayo.

Funda nala: UFrosler uthi ukujabula okwabalandeli, abadlali kumele banake umdlalo

Imenenja yakhe, uNtobatsi Masegela uthe usazohlala phansi neSundowns ukuzama ukuthola isixazululo kule nkinga.

“Ngeke ngikwazi ukukhuluma ngalokho njengamanje ngoba angikakaxoxi neqembu,” usho kanje uMasegela ekhuluma nabeKickOff.

“Kumele sihlale phansi bese sibheka ukuthi yikuphi okumele kwenzeke. Ngeke ngikwazi ukuvele ngiphawule nje ngakho. Angikwazi ukukhuluma kakhulu ngalokhu. Sizobona kwenzakalani.

“Kodwa ke okusobala wukuthi sifuna adlale ngoba okubalulekile njengamanje wukuthi alwele ukuya eNdebeni yoMhlaba, sifuna abuyele kwiBafana Bafana.

“Lokho kudinga ukuthi adlale (eqenjini akulo) kodwa sizobona uma sesixoxe neqembu ukuthi siphuma nani. Ngizohlangana nabo maduze nje, sizobona ukusuka lapho ke ukuthi kwenzakalani,” kuchaza uMasegela.

Yize engaphumelanga obala, kodwa kubonakala ezomcelela ukuba abolekiswe kwelinye iqembu ngoba baningi abaphambi kwakhe kwiSundowns.

Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.