Messi: uyahamba noma uyahlala kwiBarcelona?

Messi: uyahamba noma uyahlala kwiBarcelona?
ULionel Messi
UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

Lionel Messi. Leli yigama elisazoba sematheni kakhulu kulezi zinsuku ezizayo njengoba lo mdlalo eseqale izingxoxo zenkontileka entsha neqembu akulo njengamanje, iFC Barcelona yaseSpain.

Impempe seyitholile ukuthi abaphathi bakaMessi nabeBarcelona sebeqalile ukuxoxisana futhi akukavunyelwana ngalutho.

Inkontileka kaMessi neBarca izophela ngoJune 30. Lokhu kusho ukuthi esikhathini esangaphezudlwana kancane kwesonto ukusuka manje lo mdlali uzobe esekhululekile ukujoyina noma yiliphi iqembu alithandayo.

Nakuba iBarcelona ithemba ukuthi uMessi uzoyelula inkontileka yakhe kodwa okwamanje akukho okucacile okukhombisa lokho.

UMengameli weBarca, uJoan Laporta noJorge Messi onguyise kaLionel Messi sekuphele cishe izinyanga ezinhlanu bedinginda udaba lokusayinwa kwenkontileka entsha.

Kwenzeka konke lokhu nje uMessi, osewine indondo yokuba ngumdlali ovelele emhlabeni jikelele iBallon D’or, umatasa emidlalweni yeCopa America nezwe lakhe i-Argentina.

Funda la: Kuzoshiyana izandla iChiefs neSundowns bebanga abeSuperSport

Abazazi zonke ezeBarca nezikaMessi bathi lo mdlali akabhekile imali kwinkontileka entsha. Akufunayo wukuthi iziphathimandla zeqembu zibumbe iqembu eliqinile elizokwazi ukuphonsela inselelo i-Atletico Madrid neReal Madrid kwiligi yaseSpain.

Ufuna kwakhiwe iBarcelona ezokwazi ukuqhudelana namanye amaqembu amakhulu ase-Europe kwi-Uefa Champions League.

IBarca inqobe iCopa del Rey ngesizini edlule kodwa yehluleka yancama ukuthatha iChampions League neLa Liga.

Nakuba iBarcelona ingabanga nesizini enhle ngo2020/21, kodwa uMessi nguye ohambe phambili kwiLa Liga ngokushaya amagoli. Ushaye amagoli angu-30 emidlalweni engu-35 yeligi. Uphinde wavalela phakathi amagoli amahlanu kwiChampions League namathathu kwiCopa del Rey.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

One thought on “Messi: uyahamba noma uyahlala kwiBarcelona?”

Leave a Reply

Your email address will not be published.