Mhlawumbe sengigugile, kodwa eyamaqembu aseKZN iyangithusa

aseKZN
UMBONO
UBHALWE: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Amaqembu aseKZN (KwaZulu-Natal) adlala kwiDStv Premiership angenza ngishaywe oluncane (kodwa olunamandla) uvalo uma ngibuka indlela aqale ngayo.

Ngiyazi abanye bazothi umfo kaNdlovu uphethwe ukutatazela nje sengathi uchatha uhlanya kodwa cha impela angiphathekile neze kahle.

Bengijabula kakhulu ngesikhathi kuqala isizini, ngibona ukuthi iKwaZulu-Natal inamaqembu amane kwiPremiership.

Nokho le njabulo yami seyehlile kakhulu, ngasala nginovalo. Engikwaziyo ngebhola ukuthi iphuzu nephuzu libaluleke kakhulu.

Ngakho ukulahla amaphuzu kusaqala isizini akukuhle. Ngiyazi abaningi bazothi kusasele imidlalo engu-28 yonke ngakho asikho isidingo sokuxhamazela.

Kodwa ekugcineni sazi kahle ukuthi iqembu like lishode ngephuzu elilodwa, bese livele lidliwe yizembe, kuphele kanjalo.

Wonke amaqembu aseKZN awanginiki ukuthula kodwa iMaritzburg United neRoyal AM yibona abangikhuphulela ushukela kakhulu.

Emidlalweni emibili la maqembu awakawini, futhi ayibonakali nento eqondile ayidlalayo. Ngiyazibuza nje
ukuthi yimaphi amaqembu azoshaywa yiTeam of Choice neRoyal AM uma bexega kanje.

Amaqembu okungathiwa ayalingana neMaritzburg neRoyal AM ngokwezinga, asekhombisile ukuthi azimisele ngani kule sizini.

IGallants izamile kuleli sonto njengoba ibambane ne-Orlando Pirates yabuya nalo iphuzu elilodwa.

ISekhukhune United nayo ivuke yazithatha ishaya yona iMaritzburg ngo 2-0 ngoLwesithathu.

Yize ishayiwe iTS Galaxy kodwa ikhombisile ukuthi izolwa kule sizini ngesikhathi ibhekene neKaizer Chiefs emdlalweni wokuqala.

IBaroka FC yona ibukeka iqine kakhulu futhi ngingasho ngithi uma izoqhukeba nokudlala kanje ngeke izithole
isenkingeni yezembe ekupheleni kwesizini.

IChippa United iqale kahle kakhulu njengoba seyiqoqe amaphuzu amane emidlalweni emibili. NeStellenbosch FC
iyazama impela ngoba inawo amaphuzu amane emidlalweni emibili.

Yimaphike amaqembu azovuma ukushaywa yiMaritzburg neRoyal AM uma besabhacaza kanje? Ngakolunye uhlangothi izinto azihlangani kahle kuMaZulu FC.

Awakawini nowodwa umdlalo kwemithathu ayidlalile. Uvalo enginalo ngoSuthu ukuthi ukudlala kahle kwalo ngesizini edlule kungase kulufakele enkulu ingcindezi kule sizini.

FUNDA NALA: UBaxter uchaza okwenza angamdlalisi uNgcobo kwiChiefs

Sengike ngabona kaningi amaqembu eba nesizini enhle bese kuthi ngelandelayo kuvele kubhede yonke into.

NakwiLamontville Golden Arrows akukuhle kahle yize isekhona kwiMTN 8. Abafana Bes’thende banenkinga endala yokuhluleka ukuwina imidlalo ilandelana nokuyinto ebenzela phansi kakhulu.

Ngiyazi ukuthi ukuhamba kukaMandla Ncikazi, osekwiPirates, nabanye abadlali, kulithikameze kakhulu iqembu.

Angethembe nokho ukuthi lolu valo olungibambe phansi luzophela ngokushesha, uma sezishintshile izinto emaqenjini aseKZN.

Okwamanje akubukeki eqale kahle, kuzomele abhukule azame ukugwema ukulahla amaphuzu. Shwiii!!

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.