‘Mhlawumbe uMadisha obengafuni sishaye amagoli adlula inombolo yakhe,’ kusho uMngqithi weSundowns eyeke inqwaba yamathuba

Abadlali neMamelodi Sundowns behlonipha uzakwabo uMotjeka Madisha owashona engozini yemoto nyakenye

OKADONGA GUMBI

Kuzivumele ngisho umqeqeshi weChippa United, uDaniel Malesela ukuthi u 2-0 abashaywe ngawo yiMamelodi Sundowns ube mncane ngendlela ebifika iphindelela ngayo emapalini abo.

Kodwa iSundowns izame yaze yancama ukushaya amagoli ngemuva kokuba ithole lawa amabili egcine iwine ngawo. Izethenjwa zabagadli bayo oPeter Shalulile noKermit Erasmus bageje amathuba okuzothi uma sebewabuka kuthelevishini baswele umgodi wokucasha.

Kodwa ke, umqeqeshi weSundowns, uManqoba Mngqithi uyibuke ngelinye iso indaba yabo yokuhlulwa ngisho amahhewa kulo mdlalo wabo weDStv Premiership ngeSonto.

“Sakhe amathuba amaningi kakhulu, kodwa ke ngize ngazitshela ukuthi mhlawumbe u(Motjeka) Madisha ubengafuni sidlule kwamabili ngoba besibungaza impilo yakhe namuhla,” kuchaza uMngqithi.

UMadisha obedlala emuva kwiSundowns ushone eneminyaka engu-25 engozini yemoto eyenzeka ngoDisemba nyakenye eMidrand. Kodwa ukuthi kwakunguye ngampela lo owayeshayela imoto kuze kwaqinisekiswa wumndeni wakhe ngoMgqibelo.

Umndeni wawukade ucele odokotela abazimele ukuthi bahlolisise ukuthi njengoba abantu babebabili emotweni kwakungobani kwazise yagqamuka amalangabi ngemuva kokushayisa isigxobo, basha baphela ababephakathi.

UMadisha ubegqoka uNombolo 2, kanti kuthe ngomzuzu wesibili umdlalo wama abadlali nabaqeqeshi bawo womabili amaqembu bama ngezinyawo bashaya izandla behlonipha yena.

“Kumele sikwamukele lokhu ngoba angiwukhumbuli umdlalo la esake sakha khona amathuba amaningi kangaka kodwa asangawasebenzisa.

“Okungimangaze kakhulu wukuthi kuthe noma uMosa Lebusa esilishayile elesithathu, nami engizibonele ukuthi ubeseme yedwa, kodwa okumangaze kakhulu wukuthi sesineVAR (Video Assistant Referee) la kwiPSL (Premier Soccer League).

“Ngisho ngoba ngesikhathi lingena igoli, umsizi kanompempe akazange aliphakamise iduku lakhe kanti kwayena unompempe ulikhombe esiyingini senkundla.

“Kodwa kubuye kwayoxoxwa babuya sebethi akulona igoli, okuyinto esishiye simangele sonke, kodwa mhlawumbe bekuvele kufanele kube njalo. Ezinye izinto kumele uzamukele,” kusho uMngqithi.

Ube esencoma nabadlali bakhe wathi bawalandele ngendlela amaqhinga abebebacebise ngawo, bayivalela izikhala yavele yaphenduka olamthuthu iChilli Boys.

Leave a Reply

Your email address will not be published.