Mina Gatsheni ngithi: usilimazile uTau ngokubaleka e-England

Mina Gatsheni ngithi: usilimazile uTau ngokubaleka e-England
UPercy Tau
UMBONO
UBHALWE: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

UPercy Tau bekumele ahlale kwiBrighton & Hove Albion FC, yase-England abekezele zize zilunge izinto.

Kwazi bani, mhlawumbe ubezozithola esehlwithwa elinye iqembu lase-England, azithole eseyisilomo kule ligi ehlonishwayo emhlabeni.

Sengishilo ngiwumfo kaGatsheni futhi angijiki lapho. Ngiyazi kuningi ukuphikisana mayelana nokuthi lo mdlali wakuleli bekumele yini ashiye iqembu lase-England aye kwi-Al Ahly yase-Egypt, eqeqeshwa uPitso “Jingles” Mosimane.

Babodwa abathi kuhle ukusayina kukaTau kuleli qembu laseGibhithe ngoba uzothola ithuba lokudlala, hhayi ukuquva ebhentshini njengoba bekwenzeka kwiBrighton.

Bakhona futhi abathi lo mdlali ukhombise ubugwala ngokubuya e-England, bekumele ayibambe ishisa kuze kuhlangane.

Yomibili le mibono angiyeyi futhi ngiyaqonda ukuthi kungani abalandeli baseNingizimu Afrika behlukene phakathi ngodaba lukaTau.

Ngiyazi abanye bazothi uthini ngoKeagan Dolly osanda kubuya phesheya wasayina kwiChiefs? Ngezwa ngandlebenye ukuthi uDolly wayengasenalo iqembu ngesikhathi esayina kwiChiefs.

Wayesehlukene neMontpellier yaseFrance, ngemuva kokuhlala kuleli qembu iminyaka emine. Yebo naye wayesengazama ukuthola elinye iqembu ahlale phesheya.

Kodwa okwakhe kuthanda ukwehluka ngoba ubehlushwa nawukulimala ngesikhathi ephesheya.

Ngeke nokho ngithi kwehla kahle ukubuya kwabadlali bakuleli kumaligi aphesheya, ngoba amava esiwadingayo okudlala namazwe ahlonishwayo ebholeni emhlabeni, avele ashabalale njengamazolo.

Asibuyele kwiLion of Juda ngingaze ngikhohlwe ukuthi bengifuna ukuthini. Mina lo, umfana wase-Underberg, angifune kuqhathanisa iBrighton ne-Al Ahly.

Abanye abalandeli sebephikisana ngokuthi yiliphi iqembu elikhulu kulawa. Okungenza ngithi uTau bekumele athi ukuhlala noma isizini eyodwa e-England, ukuthi ukulwele kakhulu ukufinyelela laphaya.

Ngiyakhumbula ukuthi kwaqale kwaba nzima ukuthi iMamelodi Sundowns imdedele lo mdlali ngaphambi kokuthi afunwe yileli qembu lase-England.

FUNDA NALA: UDube ubelicuthele ithuba lokudla ijezi kwiChiefs

Kwathi uma kuqhamuka izindaba zokuthi uTau angase ayibambe kwi-English Premier League (EPL) kwajabula wonke umuntu eMzansi.

Ngiyazi ukuthi kulula ukuloba nje ngithi uTau lokhu, uTau lokhuya. Nokho abadlali abancane abasakhula kumele babe nabo abadlali abazobukela kubona, abayibamba ishisa insimbi phesheya.

Bazobukela kubani uma abadlali bethu besheshe badikibale phesheya, bashiye phansi? Kuhle impela ukuthi iBafana Bafana izoba nomdlali odlala njalo ozoba yingwazi yethu uma sidlala imidlalo yamazwe.

Kodwa bekungaba njani ukube uTau ubezoba yingwazi kwi-EPL nomake okungasenani kwi-English Championship?

Ngeke phela sikufihle ukuthi izinga lebhola liphezulu kakhulu e-England, yingakho nje leli lizwe lihlonoshwa kunobhutshuzwayo.

Ngizwile uPitso ekhuluma ukuthanda kwakhe, njengasemihleni, egxeka labo abathi uTau bekumele azabalaze aze aphumelele e-England.

Angiyazi indoda ekhuluma igwegwese njengoPitso kodwa kucace bha ukuthi ikhuluma ngobani.

Nokho angikho lapho kodwa engikushoyo ukuthi labo abebefuna uTau ahlale e-England abantu abanendaba naye, hhayi ngoba bezama ukuzigaxa nje ezindabeni zakhe.

Ngiyayivala manje ngoba ngingaze nginkante. UTau uzodlala nakanjani kwi-Al Ahly ngoba icijwa uPitso ofana noyise.

Kodwa ngicabanga ukuthi ukuhlala isizini eyodwa nje e-England bekungaba ngcono. Shwiii.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.