UMosimane akafuni ukukhuluma ngokuhlangana neChiefs kowamanqamu

Mosimane akafuni ukukhuluma ngokuhlangana neChiefs kowamanqamu
UPitso Mosimane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Iyodwa into esicacile ngomdlalo wamanqamu kwiCAF Champions League: wukuthi elakuleli lizobe limelwe yiKaizer Chiefs noma uPitso Mosimane kuwo – noma bobabili.

Iqembu eliphekwa nguMosimane, i-Al Ahly lazibeka ebuhleni futhi lazisondeza nokungenza kowamanqamu kwiChampions League ngokushayela iEsperance ngakubo eTunisia ngempelasonto edlule.

NeChiefs yenza okufanayo ishaya iWydad Athletic eMorocco. Lokhu kuwina kwe-Al Ahly neChiefs sekwenza kube nomcabango womdlalo oconsisa amathe wamanqamu phakathi kwala maqembu womabili. Nokho ke asasalelwe wumdlalo womlenze wesibili okume awudlale ngaphambi kokukhuluma ngokuhlangana.

Funda lana: Zamsiza zithi ziyamlaya uMosimane iziwengu zeSundowns

Ekhuluma nabezindana ngaphambi komdlalo wezakhe ne-Esperance, uMosimane uzamile ukubaleka umbuzo ngokuhlangana neChiefs kowamanqamu.

“Sizocabanga ngalowo mdlalo uma sesibhekene nawo. Ngeke njengamanje sikhulume ngomdlalo wamanqamu. Iphutha elikhulu umqeqeshi angalenza ukukhuluma ngomdlalo wamanqamu ebe esenomdlalo okumele awudlale ngaphambi kwalokho,” usho kanje uMosimane.

Nokho ezikaMosimane neChiefs basethubeni elihle lokuficana kowamanqamu. I-Al Ahly ingompetha abavikela le ndebe kanti iChiefs ingamavukane kulo mqhudelwano. IChiefs iyaqala ukufika kulesi sigaba esikuso kwiChampions League.

“Okubalulekile njengamanje wukuthi siqinisekise ukuthi abawuphenduli umphumela esawuthola ekuhambeni. Lokho ukwenza ngokuthi uqinisekise ukuthi imbangi ayilishayi igoli.

“Sizobe sidlala ekhaya. Uma sidlala ekhaya, sisuke sibheke ukuwina kuphela,” kusho uMosimane.

Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.