Nabafana beChiefs bazitamuzele kwiSundowns

UTshepo Mohlala

SIHLE NDLOVU

IKaizer Chiefs iqinise indawo esicongweni seqoqo ekulona kwiDStv Diski Challenge Rewired, ngemuva kokubhaxabula izimbangi iMamelodi Sundowns ngo 4-1, eJohannesburg Stadium, eGoli, ngeSonto ntambama.

Ukuwina kweChiefs kuyenza ishayele phezulu ikakhulukazi ngoba i-Orlando Pirates ishaywe yiSwallows FC ngo 3-2 ngoMgqibelo.

Lokhu kusho ukuthi iChiefs kumele iwine umdlalo olandelayo kuphela ukuze iqinisekise indawo kweyandulela eyamanqamu njengoba inamaphuzu angu-12, kanti namagoli ayayivuna.

Umdlalo ubushisa ngesiwombe sokuqala futhi bekucaca ukuthi womabili amaqembu afuna ukujuqana.

Akuthathanga sikhathi kwenzeka obekulindelekile (ukuthi kungene igoli) ngesikhathi uKamohelo Hoala eshaya igoli ngomzuzu ka-11 yahamba phambili iChiefs.

Ngemuva kwalokho kube sengathi bayichukuluzile iSundowns njengoba ivele yalinyathela kakhulu, iphoqa iChiefs ukuthi yenze amaphutha emuva.

Kugcine kuthele izithelo ezinhle lokho njengoba ngomzuzu ka-19 eshaye igoli leSundowns u-Ofentse Mashiane kwaba ngu 1-1.

Lokhu kuyifake ingcindezi enkulu iChiefs njengoba amaBrazilians abeselifuna ngenkani igoli, kusize kona ukuthi unozinti weChiefs ubephapheme.

Bekubukeka sengathi zizoya ekhefini kungu 1-1 kodwa wabuya uHoala washaya igoli lesibili leChiefs (nelakhe) kwaba ngu 2-1. Kuphele umzuzu owodwa kuphela waqhamuka futhi uHoala walibeka enethini kwaba ngu 3-1.

Okuhlaluke ngesimo esenzeke ngaphambi kwesiwombe sokuqala ukuthi iSundowns ibisihlasela kakhulu ingasanakile ukuthi kwenzeka kanjani emuva.

Ngesiwombe sesibili iChiefs icisho yashaya elesine kodwa wasebenza unozinti weSundowns. Zibe sezithengana, kuvikwa ngapha nangapha kodwa kwangenzeka lutho kwaze kwaba ngasemizuzwini yokugcina.

Ngomzuzu ka-79 uKarabelo Ramokepa weSundowns uthole ikhadi elibomvu njengoba ebevele enekhadi eliphuzi alithole ngesiwombe sokuqala.

Kuphele nya ngeSundowns ngomzuzu ka-81 uTshepo Mohlala eshaya igoli lesine leChiefs, kwahlukana inhloko nesixhanti kulo mdlalo

Ukuwina kweChiefs kwenza ukuthi izibeke esimeni esingcono kuneSundowns ne-Orlando Pirates njengoba kusele imidlalo emibili kuphela kusongwe imidlalo yamaphuzu.

Ngemuva kwale midlalo kuzobe sekudlalwa imidlalo eyandulela eyamanqamu, ezodlalwa amaqembu amabili azoqeda ephezulu eqoqweni ngalinye.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.