Nakhu iChiefs edinga ukukwenza ngaphambi kokuqala kwesizini entsha

Bongani Zungu of Kaizer Chiefs and Ismael Watenga
UBongani Zungu
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Sebebaningi abadlali abamataniswe neKaizer Chiefs njengoba izoqeda isigwebo sayo sokuvinjelwa ukusayina abadlali ekupheleni kukaJuni. IChiefs kulindeleke iguge iphakethe njengoba izobe iqinisa iqembu.

Iningi labadlali bayo sebekhulile kanti abasenawo amandla afanele ukubuyisela leli qembu ekubeni ngelinye ladla izicoco kuleli. Umqeqeshi usevele ufikile kanti sekubhekwe ukuba iqale ukuqoqa abadlali.

Lapha Impempe ibheka izindawo ezinhlanu okuyizona leli qembu okumele liqinise kakhulu kuzo ukuze likwazi ukufaka inselelo esicocweni seligi. Sibheka nabadlali abangangena khaxa kulesi zikhala.

Konozinti: Kuhlale obala ngesizini edlule ukuthi leli qembu libuthaka kulo mkhakha yize linonozinti abaphambili futhi abayizethenjwa emaqenjini esizwe. Bobabili o-Itumeleng Khune noDaniel Akpeyi benze amaphutha ashayisa ngamahloni. Kuze kwagcina sekuvinjwa ihlazo ngoBruce Bvuma osenze kangcono. Njengoba kunamahlebezi okuthi uKhune angase alishiye leli qembu ekupheleni kwenyanga, iChiefs izodinga omunye unozinti ozobangisa u-Akpeyi noBvuma ijezi.

Esimbona engangena kulesi sikhala: Ismael Watenga weChippa United

Emuva maphakathi nenkundla: UDaniel Cardoso noMulomowandau Mathoho bahlulekile ukwakha ubudlelwano bokusebenzisana kahle kule minyaka embalwa edlule. Akekho Phakathi kwabo ofuna ukuqina ahole izitobha njengoba kwakwenza uTefu Mashamaite kudala. Iyamdinga umdlali onamava nesibindi sokuhola emuva.

Esimbona engangena kulesi sikhala: Buhle Mkhwanazi ongenaqembu njengamanje

Emuva kwesokunxele: UPhilani Zulu nguye obebambe le ndawo ngesizini esanda kuphela. Nokho kukhona la ashoda khona ikakhulukazi uma kuhlaselwa. Uthanda ukudlala inikanika, kodwa uma kumele aligobe ahluleke. Iyamdinga umdlali ozokwazi ukugobela oSamir Nurkovic noLeonardo Castro amabhola kwesokunxele njengoba kwenza uReev Frosler ngakwesokudla.

Esimbona engangena kulesi sikhala: Sifiso Hlanti weSwallows FC

Kuze kwagcina sekuvinjwa ihlazo
ngoBruce Bvuma osenze kangcono

Esiswini maphakathi nenkundla: UWillard Katsande useyehla ngokwamandla njengoba sekusondele ekutheni athi khumu. IChiefs inabo oNjabulo Blom noDaniel Matsheke abobanakala beza kahle kule ndawo. Nokho babsebancane futhi njengoba ingcindezi izoba nkulu nje ngesizini ezayo. Bazodinga umdlali onegama nesithunzi ozobavikela, ingcindezi ize kuye yonke.

Esimbona engangena kulesi sikhala: Bongani Zungu, engabolekwa eqenjini lakhe laseFrance

Uno. 10: ULebogang Manyama nguye obedlala le ndawo ngaphansi kukaGavin Hunt kanti ubengabonakali eyithanda. UBernard Parker ubeyidlala kangcono uma inikwe yena, odwa akasasheshi ngokufanele ngenxa yeminyaka. Njengamanje nguNkosingiphile kuphela okhona kwiChiefs ongayibamba le ndawo. Kodwa usemncane kakhulu futhi kumele athole umuntu ozombonisa ukuthi ibanjwa kanjani. Idinga umuntu onegama ozokwazi ukuba nokuzethemba ngokwanele ukuthi ahlanganise iminyakazo yeqembu.

Esimbona engangena kulesi sikhala: UKeagan Dolly ongenaqembu njengamanje noSiyethemba Sithebe waMaZulu FC.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

One thought on “Nakhu iChiefs edinga ukukwenza ngaphambi kokuqala kwesizini entsha”

  1. Bafethu khona iqiniso lihle siyabadinga abadlali abasezingeni njengalaba ebenibabala lapho soshaya kwasan #amakhosi4life

Leave a Reply

Your email address will not be published.