Nakhu okungenza uMkhwanazi adonse izinyawo ukujoyina iChiefs

Buhle MKhwanazi Kaizer Chiefs
UBuhle Mkhwanazi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kungenzeka aphinde ahlale enye isizini engadlali uBuhle Mkhwanazi ozakhele igama ngokuba yisitobha esikhaliphile kwiBidvest Wits nakwiBafana Bafana. Lo mdlali usale engenaqembu ngemuva kokudayiswa kwesitifiketi seWits.

Yathengwa nguLawrence Mulaudzi owayijika wayigamba iTshakhuma Tsha Madzivhandila. UMkhwanazi ngomunye wabadlali abasala bengenaqembu njengoba uMulaudzi anqaba ukumthatha.

Njengamanje ungomunye wababhekwe ngabomvu ekutheni bajoyine iKaizer Chiefs ngenyanga ezayo. Nokho Impempe yesivundulule ukuthi kungenzeka kungenzeki lokhu.

Umthombo osondelene nezindaba zalo mdlali uthe uMkhwanazi kungenzeka aphinde anqabe ukujoyina iChiefs noma yiliphi elinye iqembu elimfunayo.

“Inkinga iqembu elizomthatha kuzomele limholele imali enkulu ukuze avume,” kusho lo mthombo. NgeSonto, iphephandaba iSunday World liphume nodaba lokuthi uMkhwanazi nemenenja yakhe yakwaSiyavuma Sports Group bafake iWits enkantolo befuna izimali akweletwa zona.

“Iningi imali yakhe esele kwiWits okungelula ukuthi bavele bayiyeke. Bengayiyeka kuphela uma iqembu elimfunayo lizomsayina ngemali ezokhava le ayikweletwayo bese liphinde limholele imali enkulu. Icishe ifike kuR2-million isiyonke.

“Inkinga manje ukuthi uma esayina kwelinye iqembu, icala lizophela kanjalo ngoba uzobe esekwenye inkontileka kanti le yeWits akayinqamulanga. Kusafana nokuthi usengumdlali wayo kuze kube bayamkhokhela izimali zakhe bese kuvunyelwane ngokuhlukana ke,” kuchaza lo mthombo.

Impempe ingakuveza futhi ukuthi AmaZulu abesha amashushu ngokusayina lo mdlali ngaphambi kokuqala kwale sizini esanda kuqala. Nokho imali athi uyayifuna yomholo yenza leli qembu laphuma nyovane.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.